UXOLISILE uCassper Nyovest ngokuphawula kwakhe okungekuhle kuMthandeni iGcokama Elisha Manqele, ngemuva kokuthi ethole indondo yeSong of the Year kowamaSAMA ngempelasonto.
UCasper uxolise ngemuva kokuthi abantu bamsole ngokunyundela iGcokama ngempumelelo yakhe ethola le ndondo ngengoma yakhe ethi, Paris ayishaya nentokazi uLwa Ndlunkulu.
“Mthandeni SK ngiyaxolisa uma ukuphawula kwami kuhlale kabi kuwe ukuthi ngithi ingoma kaTyla yayinkulu kakhulu futhi iyona eyayifanelwe yindondo ye-song of the year. Bengingahlosile ukukudelela noma ukuqala uchuku. Angiyona leyo nhlobo kodwa ngiyasithanda isibhakela uma ufuna ukuyifikisa lapho, azilime ziyetsheni. Ngingakuvala amehlo!!!”
UCasper usho kanje ephendula inkulumo kaMthandeni othe; “uCassper Nyovest yilabafana abasindwa zikhindi le koHip Hop uzovuka ngathi la kumaskandi ngizolishaya leli dada.”
Bajabule bafa abantu ezinkundleni zokuxhumana abanye bethi ‘iskhova’ asiqede ngoMr Fillup abazifuni izinsizwa ezande ngokukhuluma.
Sphandla Gasa: Kulokhu ngicheme nawe kula bafana beHip hop gxoba SK sisemva kwakho sama-blue nation ngeke sajwayela imikhapheyana kuMaskandi wethu.
Phungelisha inkosyoshuni SA: Umshay wedada lisindwa zikhindii
Nkarh De Light: Ngeke ugcaluze kuMaskandi ungasitholi isbhaxu sakhona, ngakushaya lokhu ngePunchline" Mthandeni SK 🦉💯umfokabani idada leli?
Slow "Mtshali Ongenamoto": Ungazithambisi ngampela sondela nawe Casper, yiso isithebe esikhulu umhlaba ungehlule lesi 😅😅😅uyosika ukhathale.
Lindokuhle Ezriee Mkhize: Box wani la mnike iskhwili zitholane phezulu...