UMLINGISI ozakhele igama emdlalweni Isibaya neShaka: Ilembe, uChris Q Radebe useveze ukuthi uzogqamisa izinto ezenzeka othandweni kubantu abaningi omdlalweni wamahlaya awubhalile ozoqala kuShowmax ngoJulayi 22.
Umdlalo i-One Weeks ubophele izihlabani okukhona kuzo uZakhele Mabasa-Mokone ozobe elingisa indawo kaFana uSihle Ndaba (Lihle) noMangaliso Aluta Mthembu olingisa indawo ka-Angie.
UChris kuwo uthe kuzobonakala uFana okungowesilisa ongasebenzi ozamayo elokishini ahlala kulo elwela ukuthi kungapheli uthando lwakhe noLihle ongusomabhizinisi ophila impilo ephezulu.
“Lo mdlalo ngeke nje ugcine ngokuthi abantu bawuthakasele ngenxa yamahlaya agcwele kuwo kodwa uzobheka nezingqinamba izithandani eziba nazo ebudlelwaneni ikakhulukazi ezithinta imali. Abantu bakuleli into engiyibone kubo la ezinkundleni zokuxhumana ukuthi noma sibhekene nasiphi isimo kwesinye isikhathi sigcina sesisenza inhlekisa. Kodwa kulo mdlalo kuzophinde kuvele ukuthi izithandani ziziphatha kanjani ubedlelwaneni la owesifazane ehanjelwa kahle khona izinto,” kuchaza yena.
Uthe iningi labantu besilisa abahlala emakhoneni abangasebenzi, iphupho labo ukuthi bathandane nabesifazane abaphumelele ukuze kube khona abakuzuzayo.
"Kuzobonakala umsebenzi abesilisa ababhekana nawo ukuze bagcine laba besifazane empilweni yabo. Kuzobonakala olunye uhlangothi abesilisa ababhekana nalo uma kuziwa kwezothando ukuze bagcine isithunzi sabo kubangani, emndenini nasemphakathini,“ kuchaza yena.
Okunye akuncomile ngalo mdlalo uChris, abalingisi athe bonke bebezimisele njengoba besebenze nabo kusuka kuqala kwaze kwasemaphethelweni bengenazinkinga.
“Lokhu kuyawenza umdlalo ube yimpumelelo. Ngakho kube nokubambisana okuhle, siyathemba ababukeli bazowujabulela umsebenzi esibenzele wona,” kuchaza yena.
UZakhele uthe elakuleli belibhekene nesimo esinzima, ngakho ujabule ukuba yingxenye yomdlalo ezobehlisa ukhwantalala futhi elungele umndeni wonke.
Abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uSiphiwe Mtshali noMpho Malatsi.