AZOSINA ededelana amaciko enkundleni yokucobelelana ngolwazi phakathi kwababhali nosonkondlo kanti izothatha izinsuku ezimbili bese isongwa ngomculo ngoDisemba 17, iMandeni Arts Festival, enkundleni yemidlalo KwaNgcedomhlophe.
Ngaphandle kokucathulisana ngokucikoza kuhlelwe idili lomculo elizosonga umbukiso iMandeni Arts Festival ngoDisemba 17, kanti lizobophela abaculi abehlukene.
Ngokusho komgqugquzeli wombukiso uMfiselenokuhle ‘Bhubesi’ Mvelase, uthi inhloso yokuhlela inkundla yokucobelelana ukuthuthukisa abalobi nezimbongi emkhakheni wokubhala.
“Sizoba nenkundla yokucobelela ngolwazi ezothatha izinsuku ezimbili ngaphambi kwedili lomculo elizoba ngoMgqibelo ngoDisemba 17. Inkundla yokucobelela ngolwazi izogxila kubabhali nosonkondlo abasafufusa. Bazohlonyiswa ngolwazi ngababhali asebemnkantshubomvu. Kuzobe kwamukeleke wonke umuntu ukuthi abe yingxenye yayo kanti izoba emahholo ehlukene eMandeni. Ngemva kwayo sizoba nedili lomculo okuboshelwe inqwaba yabaculi bakamaskandi,” kuchaza uBhubesi.
Phakathi kwabaculi abazonandisa kukhona izimbangi ezinkulu uKhuzani neGcokama Elisha, Ntencane, Sminofu, Qhosha, Ngelo V, Mjabulisi, Stabhilithi, uMafikizolo, Lusanda weBhova, Amageza Amahle nabanye. Kuhlelwe ukuthi uhlelo lushayelwe uNgizwe Mchunu noZimdollar Biyela woKhozi FM.
UBhubesi uthe amathikithi okungena aseyatholakala ewebtickets. Amathikithi abizwa ngama-early bird asukela kuR80 agcine uR100. AweVIP abiza uR400. Esangweni azotholakala ngoR150 kanti amacooler box angena ngoR150.