KUZOGQAMA intsha yaKwaZulu-Natal emcimbini wezindondo, amaSouth African Music Awards (SAMA) okungokwesi-29 azoba ngoMgqibelo, eSunBet Arena, eTimes Square, eMenlyn Maine, ePitoli.
U-DJ Sabby, “The Best Thing Ever” Mtshali, uNomalanga “The Flame” Shozi noHope Mbhele yibona abazobe bephethe uhlelo kulo mcimbi.
Kukhaphethi obomvu kuzogqama intokazi esizakhele igama emdlalweni Uzalo, uThuthuka Mthembu.
Umphathi weRiSA okuyinkampani ehlela lo mcimbi, uNhlanhla Sibisi, uveze ukuthi uDJ Sabby noNomalanga Shozi bayintsha enekhono elikhulu nekufanele ukubamba lo mcimbi.
“Umcimbi lona ongeke uze ulibaleke, siyabonga ukuthi uHope Mbhele noThuthuka Mthembu nabo bavume ukuba yingxenye yawo njengoba bezobe beqala ukubonakala kuwo bezokhombisa amakhono abo, asebaziwa ngawo,” kuchaza yena.
Uthe akangabazi ukuthi bonke laba bazokwena umsebenzi oncomekayo futhi bazolinyusa izinga lomcimbi.
Emcimbini walo nyaka kulindeleke ukuthi amaqhawe afana noMandoza, Hhashi Elimhlophe, Gloria Bosman nabanye, bahlonishwe ngendondo yeThe Lifetime Achievement.
Emcimbini walo nyaka u-AKA ongasekho uqokwe izikhawu eziyisikhombisa nge-albhamu yakhe ethi Mass Country.
U-AKA ulandelwa eduzane ngu-K.O oqokwe izikhawu eziyisithupha emikhakheni ehlukene ngengoma yakhe ethi Sete apike kuyo uYoung Stunna noBlxckie.
UNtokozo Mbambo uqokwe nge-albhamu yakhe ethi Lavish Worship. Nguye kuphela wesifazane oqokwe emkhakheni we-Album of the Year Award, waphinde waqokwa kwiFemale Artist of the Year Award neBest Contemporary Faith Album.
Lo mcimbi wenzelwa ePitoli nje, bekulindeleke ukuthi ube KwaZulu-Natal, kodwa kwaba nomsindo ngemali enguR28 million okwavela ukuthi wawuzoxhaswa ngawo uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ezokuVakasha nezeMvelo. Kwaphoqeleka ukuthi luhoxiswe lolu xhaso emuva kokusuka komsindo ngalo nokwaholela ekutheni le miklomelo ingabe isabanjelwa eKZN.