LIHLEHLELE kuDisemba 11, icala elibhekene nomethuli wezinhlelo zakuleli obuye abe ngumculi uMolemo Maarohanye, odume ngelikaJub Jub.
Izolo uJub Jub uvele eNkantolo yeMantshi yaseJohannesburg.
Abameli bakaJub Jub beveze ukuthi kukhona abantu abafuna ukuxhumana nabo ukuze bathole ukuthi amacala abamsola ngawo umculi, enzeka kuphi futhi ngaziphi izikhathi.
Kubikwa ukuthi ubhekene namacala athinta awokudlwengula, ukushaya, nokuzama ukubulala. Lawa macala wawavulelwa ngabesifazane ayesebudlelwaneni bezothando nabo.
Okhulumela iNPA uNksz Phindile Mjonodwane uveze ukuthi ukuze babuye nalokhu okucelwe abameli bakamsolwa kumele baxhumane nofakazi.
“Ukuze kwenzeke konke lokhu okuvele enkantolo, inkantolo iyalele umbuso kanjalo nabammeli bakamsolwa ukuthi baqhubeke nokuxhumana nabathintekayo ecaleni, bese bebuya enkantolo ngoDisemba 11,” kuchaza uNksz Mjonodwane.
UJub Jub ubhekene namacala angu-13 okubalwa awokudlwengula, ukushaya, nokuzama ukubulala. Amanye amacala kuthiwa enzeka ngo-2006. Ungaphandle ngebheyili kaR10 000.