UMCULI we-soul, uBongeziwe Mabandla, usedalule ukuthi e-albhamini yakhe yesine esiya ngasemaphethelweni, ubhoboka ngabo bonke ubunzima bempilo adlule kubo, kubalwa nezingqinamba abhekane nazo kwezothando.
UBongeziwe wakuTsolo, e-Eastern Cape, ekhuluma neSolezwe ngamalungiselo
e-albhamu azoyikhipha ngoEphreli, uthe uhlanganise isitayela somculo aziwa ngawo, nezinsimbi ezahlukene ukukhombisa ukukhula emculweni.
“Kuyona ngikhethe ukusebenza nomama kuphela kwenye yezingoma, kwathi zonke ezinye ngazicula ngedwa ngoba ngifuna ukuthulula konke okusenhlizweni yami.
“Le albhamu yehluke kakhulu kwamathathu okuqala ngoba ngikhuluma ngezinto ezithinta mina ngqo, ngakho bekungeke kube lula ukusebenzisana namanye amaciko kuyona,” kuchaza uBongeziwe.
Eqhuba, uthe ingxenye yezingoma ezikuyona zikhuluma ngothando, eziluncomayo nezilugxekayo.
“Zikhona nezigquguzela abantu ukukhuthalela ukuzithanda bona kuqala ngaphambi kokulindela ukuthandwa ngabanye abantu, okungezinye zezifundo impilo esanda kungifundisa zona,” kusho uBongeziwe,” osebenze noCorreia Paulo ophrojuze zonke izingoma ze-albhamu.
Lo mculi osanda kukhipha ingoma ethi Noba Bangathini andlalele ngayo i-albhamu yakhe yesine, ezoba nezingoma eziwu-14, uthe usekubheke ngabomvu ukuthi abantu bezwe akuphethe kuyona, nokuzwa ukuthi bazoyamukela kanjani.