UZOBANJWA ngenyanga kaNovemba umcimbi wezindondo ama-Crown Gospel Music Awards okade uhlelwa uZanele Mbokazi.
UZanele (52) oshone ngoMsombuluko ekuseni, Isolezwe lithole ukuthi ubesematasa elungiselela umcimbi walo nyaka okuvela ukuthi ubuyela KwaZulu-Natal.
Umthombo osondelene nomndeni utshele Isolezwe ukuthi noma uZanele engasekho kodwa konke kuzoqhubeka ngokohlelo lwakhe.
“Akukho okuzovimba umcimbi. Vele kulo nyaka ubeseziqalile izingxoxo zokuthi lo mcimbi ubuye ngoba besingeke sisaqhubeka isivumelwano akade benaso seminyaka nesifundazwe i-Gauteng njengoba lo mcimbi wawubanjelwe khona ngonyaka odlule. Uma sekudlule konke, umcimbi uzoqhubeka ngokwezinhlelo zawo,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi uZanele uphumule njengoba isimo sakhe ngesonto eledlule sivele sashintsha sasibi kakhulu.
“Odokotela bathe umoya awusafiki ngendlela ebuchosheni, kwacaca ukuthi kuya ngokuba kubi. Ungene esibhedlela ngoMsombuluko isimo sakhe saya ngokuba sibi usuku nosuku,” kuchaza umthombo.
Isolezwe izolo lihambele emzini wakhe eLa-Mercy, la bekugcwele khona izimoto njengoba izihlobo nabanye akade esebenza nabo bebezobhonga emsanweni.
Kufike amaciko ahlukene okholo nawo ezobhonga emsanweni.
Emndenini bekubonakala ukuthi isimo sibi, njengoba usizi belubhalwe ebusweni ezinganeni zakhe ebeziphuma zingena esangweni.
Umyeni wakhe uPastor Mpendulo Nkambule ubonakale kancane efika nokhulumela umndeni uSthembiso Mtshali, nobingelele akade bengaphandle kwesango wase engena ekhaya.
Omakhelwane bomdabu baseNdiya nezinye izisebenzi zasendlini ezikhulume neSolezwe, bathe bebengakezwa ukuthi kwenzakaleni, bebemangala bebona izimoto zigcwele ngaphandle.
Isolezwe liphinde lahabula izindaba zokuthi inkonzo yesikhumbuzo izoba ngoLwesine, bese eyongcwabo iba ngoMgqibelo.
Kodwa okhulumela umndeni, uSthembiso Mtshali, uthe basazohlangana njengomndeni bese bememezela emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana.
Abaculi bokholo okukhona kubo u-Ayanda Ntanzi, Jumbo, Sphumelele Mbambo, Dumi Mkokstad, Thina Zungu, Thobekile, Melusi Mbokazi, Ga Ndlela, Babo, Malini nabanye babonakale bezobhonga emswaneni emzini kaZanele.
Bekhuluma neSolezwe, bamchaze njengomuntu obe wusizo kubo uZanele.
UMelusi Mbokazi uthe umsebenzi kaZanele endimeni yomculo wokholo ubumkhulu.
“Ukuba nomcimbi ofana nama-Crown bekungenye yezindlela zokukhulisa umculo wokholo namaciko. Kukhona abaculi abadumile okumanje abathola ithuba kulo mcimbi kwaba ukuduma kwabo, siyambonga kakhulu ngalokho,” kusho uMelusi.
UThobekile ucwebe izinyembezi njengoba eveze ukuthi umculo wetende wawungafakwa kweminye imicimbi yezindondo kodwa uZanele waba owokuqala ukuwugqamisa.
UJumbo Nyangiwe uthe balimele kakhulu kodwa babonga uZanele ngakho konke akwenzile futhi waba nenhlanhla yokusebenza naye.
“Ukuqokwa kuma-Crown kwashintsha impilo yami nomculo engiwenzayo. Abantu babezibuza ukuthi ngiwubani kodwa wabaphendula, ebatshela ngami. Silimele kodwa usebenzile, sila sikhona nje uyena, ubesixhumanisa nabantu beziteshi zethelevishini nomsakazo ukuze siye phambili,” kuchaza uJumbo.
Amaqembu ahlukene ezepolitiki adlulisele okukhulu ukudumala ngokudlula emhlabeni kukaZanele.