UMYENI womsunguli womcimbi wezindondo amaCrown Gospel Music Awards, uMbhishobhi Mpendulo Nkambule uthi awehle amaphaphu njengoba umcimbi walo nyaka uzoba khona.
Lokhu kulandela imibiko evela kwabezindaba yokuthi uhulumeni waseGauteng, akakasisayini isivumelwano salo nyaka esibabophezela ekutheni bazowuxhasa.
Umcimbi walo nyaka kulindeleke ukuthi ube ngeSonto, eGallagher Estate Convention Centre, eGoli.
Ekhuluma emcimbini wokumemezela abaqokiwe kulo nyaka uNkambule wakuveza ukuthi banovalo kancane njengoba uhulumeni waseGauteng, engakabaniki inkontileka yokuxhasa umcimbi walo nyaka.
“Ngiyathemba ukuthi ngalesi sikhathi kusasa sizobe sesiyisayinile inkontileka yesivumelwano somcimbi. Kona ngiyafisa ukuveza ukuthi besingakasitholi isivumelwano, kodwa umcimbi noma kungathiwani uyaqhubeka,” kuchaza uNkambule.
Efonelwa Isolezwe izolo uveze ukuthi umcimbi uzoba khona njengoba udaba oluthinta inkontileka seluya emaphethelweni.
“Cha umcimbi ukhona njengoba izinto ebezisalele emuva seziya emaphethelweni manje. Abehlise umoya abantu konke kuzohamba ngendlela,” kusho uNkambule ngamafuphi.
Uthe inkontileka abakayisayini okwamanje kodwa angaqinisekisa ukuthi lokho kuzokwenzeka maduzane.
Isolezwe liphinde laxhumana noNomazwe Ntlokwana okhulumela uMnyango wamaSiko ubuCiko nezeMidlalo eGauteng, othe ngeke aze achaze kabanzi ngezinkontileka ababa nazo nabahleli bemicimbi.
“Isivumelwano siba phakathi kwethu nabantu esisebenzisana nabo. Ngeke ngize ngisabalalise ulwazi nezivumelwano zethu kwabezindaba, kodwa engingakusho ukuthi bona bayazi ukuthi uhambo lwethu lukuphi njengamanje,” kuchaza yena.