UDJ ongumculi uthi, abantu abangadideki ngoba ukwenza konke. UTDK Macasette uthi zozimbili izinto azenzayo uzithanda ngendlela efanayo. Uthi uma uzomqasha ukuthi emcimbini wakho, kumele ucacise ukuthi udinga acule noma azodlala yini. Amanani awabe esafana.
“Ngingasho nje ukuthi ukuba nguDJ iykona okungihambisa umhlaba wonke. Bheka nje kade ngiseKenya, abantu bangithokozele kakhulu, emasontweni azayo ngizolibangisa e-United Kingdom, nase-Ausralia, ngibuye ngizonandisa e-Uganda naseNigeria,” kuchaza uTDK Macasette ngezinhlelo zohambo lwakhe emazweni.
Ukusho kwagcwala umlomo ukuthi izinto zimhambela kahle empilweni, uNkulunkulu uhamba naye.
Uthe ubukela kuMusa Keys, Uncle Waffles nakuDJ Cndo, obelokhu emfaka ezindaweni zobumnandi uma eyonandisa.
“Ngingasho nje ukuthi ayikho into ehlula imfundo, ngiziqedile izifundo zokuxhumana ebengizenza. Ngigcine ngeHonours kodwa manje ngifuna ukwenza iDigital Marketing ngoba imfundo ayiqedwa. Sincane isikhathi engisitholayo ngihlala phezu kwezincwadi,” kuphetha uTDK Macasette. Wathi uhlela ukhipha i-EP njengoba kuzoqala uSepthemba.