UMCULI kamaskandi, ongcofwe enkulumeni eqoshiwe maqede yasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana, uthe akafuni ukuzixaka ngamagama alumelayo ashiwo ngaye.
Inkulumo eqoshiwe ngekaNgizwe lapho ebekhuluma khona nomunye wesilisa ngoThokozani “Somnandi” Langa.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, le nkulumo iputshukile futhi lo obehleba noNgizwe kuthiwa ubengazi ukuthi iyaqoshwa.
UNgizwe uzwakala egxeka uThokozani Langa ngesisindo sakhe, aphinde atshele umlisa akhuluma naye ukuthi lo mculi akusamfanele ukungena estudio njengoba eseyinkakha emkhakheni kamaskandi.
Uphinde amatanise lo mculi noLimit, athi ungumzukulu kuye futhi asisekho isidingo sokuthi abange istudio nabaculi abasebancane kangaka.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uSomnandi uthe akukho angakuphawula kokushiwo uNgizwe.Ube esegxeka amagama alumelayo azwakala kule nkulumo eqoshiwe. Ube eseveza nokuthi kumanje umatasa nenhlangano yakhe asanda kuyisungula kanjalo ne-albhamu entsha alungisela ukuyiqopha estudio.
Ethintwa uLanga, uthe akasiboni isidingo sokukhuluma ngalolu daba njengoba uNgizwe engasiye umkhulumeli wakhe.
"Anginawo umdlandla wokuphawula ngale nto ongibuza ngayo. Angisiboni futhi isidingo sokuthi kube nengikushoyo kule nto ebikhulunywa uNgizwe. Sikhona isitatimende engisithumele ngakho-ke akukho okunye okusele engingakusho," kusho uLanga.
Imizamo yokuthola uNgizwe ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Umyalezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engawuphenduli.