LIDLULE nemiphefumulo yabathathu kwalimala nengqalasizinda ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal, izulu ebeliduma liyidliva.
Kushone elayizolo injiniyela bematasa EThekwini, emgwaqweni owuthelawayeka, uN2, ngaseManzimtoti, emuva kokuklayeka kwebhuloho phakathi nendawo.
Isitatimende sakwa-Sanral siveze ukuthi umgwaqo uvaliwe kanti onjiniyela basahlola ukutih mungakanani umonakalo nokuthi ungalungiswa kanjani.
ETownview ngaphansi ukaMasipala i-Mooi Mpofana ngaseMgungundlovu, ngoMsombuluko, kushone owesilisa oyedwa.
Kuthiwa uMnuz Sifiso Mkhize (37) ubekubo ngesikhathi kuhlasela izulu ngabo-2 ntambama, kwangena umbani, wabulala yena wase ulimaza abathathu, okukhona kubo ingane esencane nabantu abadala ababili.
Kuvela ukuthi bobathathu abalimele baphuthunyiwe esibhedlela.
KwaMancinza, eNtuzuma, eThekwini, kushone uNkk Thuleleni Zondo (53).
Ngokusho kwendodakazi yakhe, uNksz Thulisile Zondo, izulu liqale ukuduma ngamandla unina esemgwaqweni, ebuya esitolo sendawo.
Uthe unina ungene ekhaya esehamba nomunye umakhelwane obefuna ukukhosela lize lidlule.
“Lithe selishaya umbani wokugcina, sabona ngomama obemile, ewa samuntu onenkinga kwesingezansi. Sifune usizo lwemoto, samphuthumisa emtholampilo ePoly. Kuthe uma bembheka odokotela, bathola ukuthi useshonile,” kusho uNksz Zondo.
Esigamekweni okuthiwa senzeke eMgungundlovu ngempelasonto, kushone umfundi oyedwa, okuthiwa ushawe umbani ngesikhathi eyodoba noyise.
U-Allan Maclean obefunda uGrade 8 eHilton College, kuthiwa ubenoyise nabangani bakhe ngesikhathi ehlelwa umshophi.
Ngasesikoleni iZakhe High Kwa-L, KwaMashu, kulimale kanzima abesilisa ababili okuthiwa bashawe yizulu bemi ngaphansi kwesihlahla esingaphandle kwalesi sikole.
Ngokusho komthombo wakulesi sikole, abangani bebehamba emgwaqweni odlula ngaphandle kwesikole.
“Kuvele kwaqinisa imvula ebihambisana nokuduma kwezulu okunamandla. Bakhosele ngaphansi kwesihlahla kanti izulu lizovele libashaye. Kuphuthume umuntu obone ukwenzeka kwesehlo ngaphakathi esikoleni ebafunela usizo kunogada wethu,” kusho umthombo.
Uthe bagcine bephuthunyiswa emtholampilo, iPoly.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uveze ukuthi kukhahlamezeke ingqalasizinda kwezinye izikhungo zawo zezempilo esifundazweni.
Phakathi kwezifunda ezithintekile kukhona uThukela, uMgungundlovu neTheku.
Uveze ukuthi kuphephuke uphahla lwesakhiwo somtholampilo iNtabamhlophe eMtshezi.
“Khona oThukela, kuphinde kwaphephuka uphahla lwamathoyilethi emtholampilo i-Olivershoek,” kusho okhulumela umnyango uMnuz Nathi Olifant.
Uthe esibhedlela iHarry Gwala esasaziwa nge-Edendale, kuphephuke uphahla lwezindlu zodokotela, kwagcina kulimala nezimoto zezisebenzi, ziwelwa yizihlahla.
“Emtholampilo wasoThukela iTholusizo, kuwe izihlahla zacekela phansi ucingo olubiyile,” kusho u-Olifant, othe nasesibhedlela samehlo eThekwini, iMcCord Provincial kube khona umonakalo wokuvuza kophahla emawadini amabili.
Nokho uthe akukho muntu olimele futhi nokuhanjiswa kosizo lwezempilo akuzange kuphazamiseke.