Umphathi wenkampani eqopha imidlalo yethelevishini, iBlack Brain Pictures, uthi noma ngabe unekhono elingakanani kwezokulingisa kodwa uma singakafiki isikhathi sakho ngeke ulithole ithuba.
Lokhu ukusho emva kwesikhalo sikasomahlaya, uSimthande Myeza uMakaThangithini, okhale ngokuphathwa kabi ngesikhathi kunenhlolokhono yokulingisa ehlelwe yile nkampani ebiseBat Centre eThekwini.
USimthande ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook ukuthi ugcine esezivalele endlini ekhihla isililo emva kokuphoxwa esathi ugibela esteji kwinhlolokhono.
Uthe ubengakawuvuli nomlomo ukuveza ikhono lakhe kwavele kwathiwa “sesibongile, akuze omunye”.
“Bakwethu niyangazi angiyena umuntu ovamise ukuhlasela abantu kwiFacebook kodwa okwenzeke kumina kungehlise isithunzi ngendlela eyisimanga futhi angikaze ngizizwe ngiphoxeke ngalolu hlobo. Ngiyazi ukuthi ukuchithwa kwinhlolokhono kuyingxenye yalo mkhakha wokulingisa kodwa bengiqala ukuphoxwa phambi kwabantu ngalolu hlobo. Bengiye kwinhlolokhono yeBlack Brain Pictures, eBat Centre. Ngithe ngingakawuvuli ngisho umlomo intombazane ebingenye yabahleli kwinhlolokhono, uNompilo Mwelase, yavele yathi sekulungile wathi akungene omunye. Angikaze ngiphoxeke kanje. Bakwethu sengimubi ngalolo hlobo yini ukuthi nginganikwa ngisho ithuba lokuthi ngivule umlomo. Yazi ngikhihle isililo indlela yonke ngiya ekhaya ngafike ngazivalela endlini ngaqhubeka nokukhala. Ngize ngabuzwa abasekhaya ukuthi ngisaphila nje, ngendlela engizivalele ngayo,” kusho uSimthande.
Umphathi weBlack Brain Pictures, uMandla N, uthe uyakuqonda ukuphatheka kabi kukaSimthande kodwa ubona ukuthi bekungesona isikhathi sakhe.
“Kunabantu abanekhono eliyisimanga kodwa uma idlozi lingakakugideli awulitholi ithuba. Uma sekufike isikhathi sakho izinto ziyazenzekela. Engingakusho ukuthi sibe nesikhathi esimnandi kakhulu KwaZulu-Natal futhi sikwaze ukwenza inhlolokhono kubantu abangaphezu kuka-2 500. Nekhono abanalo abantu baKwaZulu-Natal liyisimanga. Njengoba wazi, baningi abalingisi esesibavumbululile kulesi sifundazwe futhi sisazoqhubeka,” kusho uMandla N.
Uthe njengoba inhlolokhono ijikeleza izindawo ezehlukene bathungatha abalingisi abazobafaka emidlalweni eyehlukene namafilimu angaphansi kweBlack Brain Pictures.
IBlack Brain Pictures iyona engumnikazi womdlalo we-e.tv, Isitha. Miningi imidlalo esike yaphekwa ngaphansi kwale nkampani njengeLockdown, Diep City neminye.