UTHEMBISA okuhlukile umethuli wezinhlelo osedume ngokukhuthaza abesifazane abashonelwa ngabayeni, kwisizini yesibili yohlelo i-After Dark with Kayise ekhonjiswa kwi-YouTube.
Le ntokazi eyake yethula uhlelo i-Our Perfect Wedding, ithe inethemba lokuthi abangenawo amandla okukhuluma basho okuthile okubahluphayo emoyeni, ngalolu hlelo bazosizakala bagonyuluke bakhulume ngalokho abadlule kukho nokuningi okuhlukile.
Ekhuluma neSolezwe, uthe izethameli zalolu hlelo zingalindela okuningi okuhlukile futhi okungafani nesizini yokuqala. Izinto okuzoxoxwa ngazo zibandakanya izinselelo abantu besifazane ababhekana nazo kanye nokunye okuningi.
“Isizini entsha izokhuluma ngezinselelo abesifazane ababhekana nazo okubalwa kuzo ukuba abazali, ezemfashini. Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule sihlela lolu hlelo, sabona ukuthi igama lami uKayise limele ini ngoba ngesizini yokuqala bekuyithuba lami lokuthi ngixoxe ngodaba lwami, futhi ngivumele abanye abantu ukuthi nabo bebeke udaba lwabo,” kusho le ntokazi esingumfelokazi njengoba kwadlula umyeni wayo engozini yemoto ehamba nayo
Uthe njengoba wayebhekene nesikhathi esinzima sokulahlekelwa umyeni engozini yemoto, kwaba nzima kakhulu kuyena.
“Kwadingeka ukuthi ngilulame ngaleso sikhathi ngoba ngangibhekene nezinselelo eziningi ngakwezezimali nangokwengqondo. Okwenzeka kwenza ukuthi ngingenzi izinto ngendlela ejwayelekile futhi kwangisiza ukuya ekhaya ngithole ukuthi ngingubani,” usho kanje.
Uqhube wathi lolu hlelo lumnikeze ithuba lokuthi aqonde kabanzi futhi athole nolwazi ngoba kusuke kukhona ongoti abalulekayo nabantu abasuke bexoxa ngodaba lwabo.
“Kulolu hlelo olusha sifake nezobudlelwano ngoba baningi abalandela lolu hlelo abasendleleni yokwakha ubudlelwano nemindeni yabo kanye nemishado. Sizophinde sibheke ukuthuthukiswa komuntu siqu ngoba lokho kuyinto ebalulekile kimi njengoba ngisazama ukuqala okusha empilweni yami emva kokubhekana nezinhlobo ezehlukene zokulahlekelwa nezinselelo,” ubeke kanje.
Uthe njengoba lolu hlelo lunezibukeli ezingu-2.3 million, kuningi abantu abasazokubona abangakwazi ngaye njengoba enza izinto eziningi okubalwa kuzo ukuwina umncintiswano womethuli, nokwethula izinhlelo eziningi. Uthe lokwenzeka empilweni yakhe yasesithe akuzange kunikeze izethameli ithuba lokuba zimazi.