ZIZODLANA imilala kwiTop 10 yoKhozi FM nonyaka njengoba izimbangi ezinkulu kumaskandi uKhuzani neGcokama Elisha bengene bobabili kuyona embangweni wengoma engasiwelisela ku-2024.
ITop 10 yoKhozi FM, imenyezelwe izolo emsakazweni Ukhozi FM. Kubukeka umbango uzobamkhulu kakhulu kulo nyaka njengoba uMthandeni engene ngengoma yakhe eshisa izikhotha iParis, apike kuyona uLwah Ndlunkulu. Ngakolunye uhlangothi uKhuzani naye ungene ngeyakhe eshisa izikhotha ethi: Umjolo Lowo, apike kuyona uLuve Dubazana. Nasemculweni wokholo umbango uzobe umkhulu njengoba kungene abaculi ababili okunguDumi Mkokstad ngengoma yakhe ethi: Angimbonanga, kwazoba wu-Andile kaMajola ngengoma yakhe: iKonke.
Okunye okuzokwenza umbango ube mkhulu kakhulu ukungena kwekaDJ Kotin iHello, apike kuyona iBig Nuz, Mshayi noMr Thela ne-iPlan kaDlala Thukzin, Zaba noSykes okungezinye ezisematheni kulezi zinsuku.
Sezizonke izingoma ngokulandelana kwazo zimi kanje:
A-DJ Kotin ft Big Nuz & Mr Thela-Hello
B-Mthandeni SK ft Lwah Ndlunkulu-Paris
C-Dlala Thukzin, Zaba & Sykes-iPlan
D-Mlue Vez, Slue & Keke Makhetha-Themba Lami
E-Khuzani ft Luve Dubazana-Umjolo Lowo
F-Mellow & Sleazy, SjavasDaDeejay, TitoM- Imnandi lento
G-Andile kaMajola-Konke
H-Master KG, Harry Cane, DJ Latimmy-Dubula
I-Dumi Mkokstad-Angimbonanga
J-K-yos ft Mthunzi-Ufunani
Ukuvotela umculi uthumela igama elithi: Ingoma kanye nohlamvu lwengoma oyikhethayo ku-33665. Umqhafazo ubiza u-R1.50 kanti ukuvota kuvulwe izolo kuzoze kuvalwe ngoDisemba 31 ngo-12 emini.
Umculi ozowina uzohamba nesamba sika-R100 000 okuyimali ephume kubaxhasi beTop 10 iMathole Funeral. Nomlaleli ozovota kakhulu uzothola u-R50 000. Ozoqagela ingoma ezolala isithathu uzothola u-R30 000, ozoqagela eyesibili uzothola u-R40 000 kuthi ozoqagela ezowina athole u-R50 000.