USOMAHLAYA wakuleli, uSimphiwe Lizwi Shembe, ubhale incwadi ayibiza ‘ngeBhayibheli’ labantu abamnyama.
USimphiwe, owake wahlabana kwiBest Indigenous Comedian kumaSatma, uthe le ncwadi, esihloko sithi Isambulo SikaLizwi, ifaniswa neBhayibheli ngenxa yokuthi nalo alibhali into eqondwa yiwona wonke umuntu, wathi encwadini yakhe kunezintshumayelo zakhe ezingacashunwa ngabefundisi nabethuli bezinkulumo ezakhayo.
“Okwenza ifaniswe neBhayibheli lenkathi ezayo ukuthi uma uyifunda uyelapheka ngaphakathi nemicabango obunayo emibi iyancipha. Umuntu ubuswa yimicabango emihle nebuyisa ithemba.
"Le ncwadi inhloso yayo ukuba abantu bathole iqiniso ngendlela elifike ngayo. Yingakho isihloko sencwadi sithi ISambulo SikaLizwi, ngoba ngiyakholelwa ekutheni ngisho ungazama kanjani ukuthi indaba ifike kubantu iliqiniso kepha uma uyihumusha, akulula ukuba kwenzeke lokho. Izinhlamvu zamagama kuyenzeka zishode uma lelo qiniso uzolisusa kolunye ulimi."
Uthe lokhu akushoyo akakuqondisile encwadini noma kumuntu.
"Kepha ngikuqondise kunoma ubani ozodlulisa ulwazi oluhunyushiwe ngoba isizwe nesizwe sinendlela yokucikoza kwaso okungeke kwabalula ukuba ozohumusha ambuleleke ngokufanele ngalokho kucikoza bese iqiniso lilimala kanjalo-ke.
“Manje-ke ngibone kuwumbomo omuhle ukuba nathi siyisizwe sibe nolwazi olothi uma luhunyushwa esikhathini esizayo, bese bengawutholi wonke umnkatsha wethu njengoba unjalo.
“Akulutho-ke ngoba bazobe bengathunywanga yithina. Sonke isizwe sinezimfihlo zaso. Yeka nje ukuthi thina sesaveza imisamo yethu ezinkundleni zokuxhumana kepha ngeke uhlangane neyabanye noma ikanjani."
Uthe le ncwadi akusiyona eyasebandleni lakwaShembe kepha eyomuntu nje ophilayo osafuna ukuxhumana naye bese eyazazi kangcono engakaphumi endlini, "ngoba uma uke waphuma endlini ungakazazi, umhlaba nabantu bazokutshela ukuthi ungubani. Kuzobalula-ke nokho ukubona iphutha uma bekhuluma okungeyikho ngawe kuwe ngenxa yokuthi uzobe usuzazi wena."
Uthe ukube kuya ngaye ngabe le ncwadi itholakala kuyona yonke imizi, kuzo zonke izikole, izikhungo zemfundo ephakeme nasemajele.
"Nakuzona zonke izindawo zezintandane ngoba le ncwadi ingumzali kwabangenabo, inguthisha kwabangenayo imali yokuyofunda, ingumngani kwabacwasayo. Empeleni iyiyo yonke into kumuntu ophilayo ngamunye ngamunye."
Uthe engakujabulela ukwethula le ncwadi kubaholi bomdabu, ikakhulukazi kwiNgonyama yamaZulu naseBandleni LamaNazaretha ngoba ikubo. "Nakuzona zonke izinkonzo ngoba le ncwadi ayicwasi muntu,“ kusho uShembe.