INGWAZI yomculo uBonginkosi Zola Dlamini imatasa ihlanganisa umculo omusha ezowukhipha maduze kulandela ikhefu elide emculweni nokubanjwa ukugula.
Lokhu kuvezwe yimenenja yakhe uSiki Kunene othe lo mculi uwumqemane futhi useqalile nokunandisa emicimbini.
UZola, oke waphumela obala ngokugula okumenza adlikize angabe esakwazi nokushayela, ube sematheni ngasekuqaleni konyaka ngemuva kokuvela kokuthi isimo sakhe asisihle.
“Kunomculo omusha osaphekwa ongakaphumi okwamanje kodwa abantu mabalindele,” kusho uSiki.
UZola, wodumo lwezingoma okubalwa kuzo nethi Dont Cry , kulindeleke ukuthi abonakale emcimbini ozoba seMashamplanez Lounge, eChesterville, eThekwini, ngo-Okthoba 2.
“Uphila kakhulu uZola futhi ukubheke ngabomvu ukubuyela eThekwini ukuyonandisa khona. Kade agcina futhi ufuna ukujabulisa abalandeli bakhe. Kuzoba kungokokuqala enandisa eKZN ngemuva kwesikhathi eside kodwa uke wanandisa eNorth West naseMpumalanga,” kusho uSiki.
Uthe uZola ubonga kakhulu ukwesekwa ngabantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi sobunzima.
“Ubonga ukwesekwa emoyeni nangokwemali. Abantu bakuleli bakhombisile ukuthi uma behlangana entweni umphumela uba muhle. Siyabonga eNingizimu Afrika,” kusho yena.
Umcimbi azonandisa kuwo ngowokwazisa abantu ngomkhulu ozayo iWaw’kuphi okulindeleke ukuthi ibe sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 3. Umhleli womcimbi uThokozani Tzozo Zulu uthe kusengamazwibela nje okuthi abantu yini abangayilindela ngoDisemba 3.
“Abantu kade bagcina ukubona abaculi bakudala bekwaito ngakho sizobalethela bona. Kukhulu okuzayo.” kusho yena.