USEYAKHOKHA obesolwa ngokudla imali yesihlabani somculi wakuleli, uBulelwa “Zahara” Mkutukana.
UVukani osolwa ngokuqola umculi, utshele iSolezwe ngeSonto ukuthi seqalile ukukhokha ingxenye yaleyo okubikwe ukuthi ishodile emalini okwakumele ikhokhelwe umculi. Kubikwa ukuthi emasontweni adlule, uZahara ubengomunye wabaculi abebenandisa emcimbini obuse-Underground Pub, eMt Frere, e- Eastern Cape.
Kubikwa ukuthi emcimbini wayeqashwe ngoR30 000 ukuba ayonandisa kodwa wathola uR9000 owafakwa kwi-akhawunti yenkampani yakhe. Kwasala imali enguR21 000 ayelindele ukuthi izongena ngemuva kokuyonandisa.
Kuthiwa izingxoxo zokuqashwa kwakhe bezifaka noVukani wodumo lweSkomplaz eClermont, nguye obexhumanisa inkampani yomculi nomnikazi wendawo yobumnandi.
UZahara yize imali ingene ingaphelele, unandisile emcimbini abeyingxenye kodwa bathola ngemuva kwamasonto ukuthi umnikazi we-Underground Pub, eMt Frere, wayikhokha yonke imali yakhe. Abendawo yobumnandi banameke isitatimende ekhasini labo leFacebook beziqhelelanisa nemali okuthiwa ikweletwa uZahara.
Esitatimendini bakubeke kwacaca ukuthi bakhokha uR30 000 kuVukani, obengumxhumanisi phakathi kwabo noZahara.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uVukani uthe selukhulunyiwe udaba futhi unqume ukuthi ayikhokhe imali yize engazi ukuthi ishone kuphi.
“Ngiyacela ningalubhali udaba sisi ngoba sesikhulumile ngalo, lwadlula. Sengiqalile ukukhokhela uZahara ngoba ngihlose ukuthi kulungiswe inkinga ebikhona,” kusho le nsizwa.
Ethintwa umfowabo kaZahara, uJunior Mkutukana ophinde abe yimenenja yakhe, uthe uyakweshwama ukuthi kunemali esikhokhwe uVukani.
"Sigcina ukukhuluma naye (uVukani) wayethembise ukuthi imali uzoyikhokha ngakusasa njengoba namanje engakaze akhokhe.Ngeke sizixake ngokulokhu simlandela ngoba unamanga kakhulu," kusho imenenja.