UMCULI wowokholo uJumbo Nyangiwe ohlabane kwiBest Gospel Song kuma-16 Crown Gospel Music Awards, uthe usebheke iTop 10 yoKhozi FM, uma kwenzeka eqokwa kuyona.
Bese kungokwesine uJumbo ehlabana ngale ndondo esuke ibhekwe ngabomvu kumaCrown Gospel Music Awards.
Uyithathe ngengoma yakhe entsha iMakabongwe uJesu. Uwine ngamavoti angu-127 571.
Uthe uzizwa ejabule ngokuthola le ndondo.
"Ukuba wumuntu wabantu yikhona okungisizayo ukuthi ngikwazi ukuwina uma kunemincintiswamo. Angigcini nokudlelana nabantu abenza umculo wokholo kuphela engikuwona kodwa nabakweminye iminxa ngisondelene nabo.Ngiyabonga ukuthi abantu bayakholelwa kwilebuli ewuJumbo. Njengoba kuqokwa abangenela iTop 10 yoKhozi FM wengoma ezohlukanisa unyaka, nginethemba lokuthi nakhona ngizoqokwa, njengoba abantu eyokholo abayifunayo kuyiyona le engiwine ngayo kumaCrown," kusho uJumbo.
Lo mculi wayithatha le ndondo ngo-2017 ngengoma iBaba Singenise, ngo-2019 nge-Engipha Amandla, ngo-2021 ngeWena Nkosi Uyazi njengoba ephinde wayithatha nakulo nyaka.
Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi wonke lama-albhamu akhe asethathe iBest Gospel Song kumaCrown Gospel Music Awards.
Le ndondo imenyezelwe wumsunguli wmaCrown Gospel Music Awards, uZanele LaMbokazi-Nkambule nomphathi wesiteshi uKhozi FM, uSbongi Ngcobo.
Kulo mcimbi obekugcwele kunyinyitheka kuwona kuphinde kwahlonishwa neMasibuyele kuJehova ngendondo yeLifetime Achievement. Leli qembu lomama elineminyaka engu-35 lisemculweni lithe libonga uNkulunkulu njengoba selokhu lasungulwa alikaze lihlukane. Lathi libonga nokuthi uNkulunkulu akawadli amandla omuntu njengoba selize lahlonishwa.
Omunye umunxa omkhulu oweBest Gospel Artist owinwe wuCanaan Nyati.
UMpumi Mtsweni naye uthathe indondo ebalulekile yeBest Stream Song.
Kule miklomelo kuphinde kwanandisa abaculi abehlukene okukhona kubona u-Ayanda Ntanzi, Thina Zungu nendodana yakhe, uDJ Happy Gal obedlalela abaculi bowokholo nabanye. Uhlelo beluphethwe wuKhaya Mthethwa noRorisang Thandekiso.
Kumenyezelwe ukuthi ama-16 Crown Gospel Music Awards azosakazwa ngeSonto ngo-7: 30 ebusuku kwiSABC2.