EMVA kweminyaka eyisikhombisa kwashona ingwazi yomculo we-Afro pop, uRobbie Malinga izohlonishwa okokuqala ngendondo ingasekho.
URobbie owashona ngo2017, uzohlonishwa ngendondo iLifetime Achievement Award kuma-5th South african Afro Music Awards azoba seBirchwood Hotel ngo-Okthoba 26.
Unkosikazi kaRobbie, u-Ann Malinga uthe ujabule kakhulu ngalezi zindaba.
“Selokhu ashona ubengakaze ahlonishwe. Zingijabulisile kakhulu lezi zindaba ukuthi abantu abakamlibali nemisebenzi yakhe. Ngosuku azohlonishwa ngalo ngiyofika emiklomelweni nezingane,” kusho u-Ann.
Kule miklomelo uRobbie uphinde waqokwa emunxeni weBest Afro Collaboration / Duet of Democracy ngengoma iBaby Please, aqoke kuyona uKelly Khumalo. Kuwona lo munxa uphinde avele kwezinye izingoma apikwe kuzona okungekaNaima Kay iKwenzenjani neMthande apikwe kuyona uMusa.
URobbie wayengumculi we-Afro pop ohlonishwayo nowaphrojusa izingoma zabaculi abahlonishwayo. Phakathi kwabo singabala oZahara, Musa Sukwene, Naima Kay, Kelly Khumalo nabanye.
Wayesebenzisana noMojalefa Thebe ongomunye wophrojusa abenza kahle kulo msebenzi. Bekwaziwa ukuthi uma ingoma isiphethwe uyena izoduma.
Ngaphandle kokuphrojusa izingoma zabanye abaculi naye ubenawakhe ama-albhamu abewakhipha ngaphansi kwakhe njengomculi. Izingoma aduma ngazo singabala, Isikhwele Sakho, Nguwe Lo, Sondela, Magazi, Ilobolo, Nozindaba nezinye.
U-Ann uthe ufisa abantu bamkhumbule uRobbie ngokuba nothando nokuzimisela emsebenzini wakhe nokuvumbulula abaculi abasha abadumise.
Uveze ukuthi kunezinhlelo anazo zokukhumbula le nkakha athe bezisamile kodwa uthe usazoqhubeka nazo.
Kuningi athe kusezinhlelweni afuna ukukwenza ukuqhakambisa umlando kaRobbie.