USOMIZI Mhlongo usephumele obala kwi- Instagram ngesehlukaniso sakhe noMohale Motaung okusabalale ngeledlule ukuthi izinto bezimagwingcigwingci emshadweni wabo.
Lo saziwayo osenqume ukuthatha ikhefu kwiMetro FM nakuma- Idols ngenxa yezinkinga zomshado ezimkhungethe, uphefumule izolo ekhasini lakhe ngesehlukaniso.
Esitatimendini sakhe asinameke kuleli khasi, uziqhelelanisile nokuhlukumeza uMohale ophumele obala kwiSunday World ekhala ngoSomizi.
Phakathi kwakubalulile kwisitatimende sakhe lo saziwayo, uthe akakaze azicabange evikela isidima sakhe kumuntu abemthanda njengomyeni wakhe osengcolisa isithunzi sakhe.
“ Ngikuthande ngangabanamahloni ngawe futhi ngiziqhenya ngalokho. Ubone bonke ubuhle bobudlelwano ebesinabo emdlalweni okhuluma ngempilo yami, umshado wethu wekhethelo owakhonjiswa kuthelevishini kanjalo nasezinkudleni zokuxhumana,” kubeka uSomizi.
Eqhuba uthe bekuba khona ukungaboni ngasolinye phakathi kwabo kodwa akakaze amhlukumeze umyeni wakhe.
Uphinde wacacisa enkulumweni yakhe ukuthi zikhona izinhlelo zesehlukaniso futhi inhloso yakhe ukuthi konke kuhambe ngendlela efanele.