ABAKA-e.tv kuthiwa yibo abathathe isinqumo sokuthi baqede ngomdlalo Isiphetho-Destiny ngoba bengajabule ngesibalo sababukeli balo mdlalo kusukela waqala.
Abaka-e.tv kuleli sonto bamemezele izindaba zokuphela kwalo mdlalo oqale ngo-Ephreli walo nyaka.
Bathi isizini yesibili ngeke ibe khona, bazogcina kulena ekhonjiswa manje nezophela ngo-Ephreli wangonyaka ozayo.
Ukhuluma neSolezwe umthombo ongaphakathi kulo mdlalo, uthe kubaqede amandla ukuphela kwawo njengoba bese bebuyelwe ithemba kutheleka abalingisi abasha kuwo okukhona kubo uSindi Dlathu noMduduzi Mabaso.
“Besicabanga ukuthi umdlalo uya phambili ngokufika kwalaba bobabili. Kodwa sidumele ngempela ngokwenzekile sesitshelwa ukuthi siyagcina ukuqopha ngasekuqaleni kukaJanuwari wangonyaka ozayo. Lo mdlalo wasungulwa isona isiteshi wase ufuna inkampani kaMandla N ukuthi iwuqophe. Uma sizwa kuthiwa isiteshi besingajabule ngezibalo zawo sase sikhetha ukuthi siwuqede,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi lokhu kubalimazile abalingisi abaningi njengoba bebesenethemba lokuthi umdlalo uya kude.
Omunye umthombo nawo uthe badidekile ngokuqedwa kwalo mdlalo okuyisinqumo esithathwe isiteshi.
Uthe yize engazi kahle kodwa bazwile ukuthi kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwesiteshi nophrojusa balo mdlalo, ngendlela abafuna ukuwusa ngayo phambili base bethatha isinqumo sokuqeda ngawo.
UVuyelwa Booi obhekelele izinhlelo zakuleli kulesi siteshi, uthe bayabonga kakhulu kuBlack Brain Pictures ngokuzinikela nokuletha umdlalo walolu hlobo nobugqamisa umphakathi indlela okuphilwa ngayo ubungani nokuthola amathuba amanye empilweni.
“Lo mdlalo ngomunye obusondele kakhulu kubabukeli bawo abanye beze basho ukuthi ukhuluma ngezinto ezenzeka emiphakathini esiphila kuyo. Ubuhlala wenza izinkulumo mpikiswano kubantu abawubukelayo. Kodwa noma kunjalo sithathe isinqumo sokungawuqhubi njengoba singenazo izinhlelo zokwenza kanjalo. Kodwa esizinikele ngakho ukuthi sisezinhlelweni zokuqhubeka sethula okusha ekuhambeni kwesikhathi,” kuchaza uVuyo.
UMandla N uthe ukuthola umdlalo okhonjiswa ngo-6.30 ntambama nokuyisikhathi esibalulekile kuthelevishini kubo kusho lukhulu.
Uthe kuningi abakufundile ngokwenza lo mdlalo obukhonjiswa ngalesi sikhathi futhi bayabonga kwi-e.tv ngokubanika ithuba elifana naleli.
Uthe ubonga abasebenzi akade bebambisene nabo ekwenzeni lo mdlalo ube yile nto obuyiyo.