KUTHIWA isimo asisihle kumlingisi woZalo, okusolwa ukuthi unenkinga yokuphanjanelwa yingqondo, ongeniswe kwesinye sezibhedlela eThekwini.
USiyabonga Radebe, ongumlingisi ophinde abe ngusomahlaya, kuthiwa ungeniswe emtholampilo wabaphazamiseke engqondweni ongaphakathi kulesi sibhedlela.
USiya B, olingisa indawo kaVikizitha Magwaza kuZalo olukhonjiswa kuSABC 1, kuthiwa sekuphele amasonto engeniswe kulesi sibhedlela futhi isimo sakhe sibukeka singesihle.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mlingisi uhambe ngesizini edlule engumuntu obefuna ukushaywa umoya ngoba ebalekela ingxabano eyayiphakathi kwamalungu omndeni wakubo, kwaMagwaza.
Umthombo weSolezwe ngeSonto uthe isimo sikaSiya B asisihle neze esibhedlela njengoba esanda kubanjwa eshaya ngesudi yesele ngaphakathi ewadini alashelwa kuyo.
"Ubukeka engumuntu ophazamiseke kakhulu engqondweni," kusho umthombo ongaphakathi esibhedlela.
Omunye umthombo wangakubo uthe abantu basendaweni baqale ukusola ukuthi lo mlingisi uphazamisekile ekhanda emuva kokuba ebuyele kubo eNtuzuma.
Uthe abantu bakuleli lokishi bebelokhu bemangale njalo benokumbona ekhuluma futhi ehleka yedwa.
"Ubeke abonakale ehamba emgwaqweni egqoke i-gown ephethe nenkomishi yetiye. Ubengahambi ibanga elifushane naleyo nkomishi ne-gown. Sisola ukuthi kukhona okumphazamisile ekhanda njengoba engumuntu obebuye abonakale ukuthi kuningi asuke ekucabanga," kusho umthombo.
Kuphinde kuthiwe lo mlingisi ulaxaze uZalo ngoba ecasulwa yizimo zangaphakathi.
Omunye umthombo uveze ukuthi indawo kaSiyabonga ayiqedwanga kuZalo futhi bekusalindeleke ukuthi aqhubeke nayo njengoba uVikizitha ehambe engumuntu obuyayo.
Okhulumela uZalo, uNomfundo Zondi, uthe ngokomdlalo kusavela ukuthi useyingxenye yawo kodwa akanasiqiniseko ngokwenzeka kuyena ngoba akabikhona uma kushuthwa. Uthe usafuna ukuqinisekisa kubanikazi bomdlalo kodwa wagcina engaphendulanga. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
Okhulumela imidlalo kwiSABC, uCaroline Phalakatshela, akatholakalanga ukuphawula. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.