UMDIDIYELI wamabutho, uNkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakelumthakathi, ukhala ngokuvezwa kabi njengomuntu ozonda abantu abathandana nabobulili obufanayo, emva kokuxabana nabaculi bakamaskanda emva kwenkulumo yakhe.
Lokhu kuza emva kwenkulumo kaPhakelumthakathi esabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho abegqugquzela omaskandi besilisa ukuthi bangaqophi izingoma ezinezinhlamvu okuzwakala sengathi bangabesifazane.
Kubaculi abaphumele obala bathi akaphume emculweni ngoba abawuqondi, kube wuNjoko “Ihobosha” Mbambo, Smomoza nembongi uKwazi Nsele.
Bathe uPhakelumthakathi akawuqondi umaskandi yingakho ekhuluma kanje, bathi akahlale khona ekudlaleni induku aphume ezindabeni zomculo. Emva kokumphendula kanjalo, kusuke ingxabano uPhakelumthakathi wagcina eseveza izindaba zokuthi, vele bacula kanje ngoba kukhona abaculi bakamaskandi abaqome abanye abafana futhi unobufakazi balokho. Uveze nokuthi yena uyinsizwa akasabi muntu.
Eziphendulela uPhakelumthakathi, uthe noma enabo ubufakazi balokhu akushoyo kodwa ukukhulunyiswe wukucasuka ngoba laba baculi abazange bayiqonde inkulumo yakhe.
“Kunokuthi bangibuze, bavele bangithuka bethi ngopha ngomlomo. Bekumele ngigcine sengikhuluma kanje ngenxa yokucasuka. Mina bengingabhekisile kubona bonke abaculi bakamaskandi ukuthi kumele bafake ziphi izinhlamvu ezingomeni zabo. BesiseSouth Coast ngesikhathi ngikhuluma, siyobhonga emswaneni njengoba kwashona uBhejane ebesihamba nayo umgangela.
“Kulo mcimbi bekukhona nabaculi bakamaskandi okuwoMbuzeni, Inyonemhlophe neThwasa Lekhansela. Bebengazile njengabaculi kodwa bebekhona njengezinsizwa ezihamba umgangela nathi. Bengikhuluma ngibhekise kubona ukuthi kumele baqophe izingoma ezihambisana nendlela esiyiphilayo njengabantu abahamba umgangela. Nokuthi ngize ngithi akubukeki ukuthi insizwa icule ingoma ethi Sengiqomile, bengingabhekise kumuntu futhi bengingazi nokuthi kukhona ingoma enjalo kodwa bengenza isibonelo. Inkinga akekho ongibuzile kodwa bavele baqhamuka sebengehla ngenhla bethi ngopha ngomlomo,” kusho uPhakelumthakathi.
Uthe nakho ukuthi aze akhulume eyokuthi kunabaculi besilisa abaqome abanye ubengakusho kabi futhi akabacwasi abathandana nobulili obufanayo. Uveze ukuthi yena unabantu abaningi ajwayelene nabo abaphila le mpilo futhi abanye usebenza nabo, akanankinga nabo, kodwa indlela asevezwa ngayo ungathi uyabazonda.
Imbongi uKwazi Nsele ithe okwenze yangena kulolu daba ukuthi ingumbhali wezingoma zikamaskandi, okwenziwe wuPhakelumthakathi kufana nokumphuca isinkwa ngoba uyazibhala izingoma ngale ndlela. Uveze ukuthi yena uyinsizwa futhi akamsakbi uPhakelumthakathi, wathi akabaveze nalabo athi uyabazi ukuthi baqome abanye abafana.
Umaskanda uSmomoza uthe uPhakelumthakathi udinga usizo lokwelashwa, unenkinga. Uthe uma kukhona amaziyo othandana nabanye abesilisa akamveze futhi yena akamesabi.
UNjoko uthe kungukudelela okukhulu lokhu okwenziwe wuPhakelumthakathi, wathi akalethe ubufakazi balokhu akushoyo.
UPhakelumthakathi uthe njengoba bethi abamesabi akanankinga kodwa ufuna ukuzwa ukuthi bazobe besakhuluma kanjalo yini emva kokuba ehlanganile nabo.