UNOBUHLE waseSgodiphola, KwaNongoma, ophinde wazakhela ugazi kwezokulingisa, uNoxolo Ngema, uthi akukho okungama endleleni yabantu abasha kunoma yini abafuna ukuyenza empilweni, inqobo nje uma benentshisekelo.
UNoxolo ofulathele elakuleli ukuyofundisa eChina, uthe ukuthola ithuba lokuyofundisa esikoleni saseChina kuyiphupho lakhe lakudala, kanti njengoba esegxile ekufundiseni okunye abekwenza okubalwa nokulingisa, sekuzothatha ikhefu.
Le ntokazi ifundisa eBeaconhouse Yamsaard, uNoxolo (27), eyake yaba wunobuhle kuMiss Nongoma ngo-2016 nakuMiss Indoni KZN Princess ngo-2017, ifundisa isiNgisi, iMaths neScience eBeaconhouse Yamsaard. Ithi mfundo ibalulekile ngoba yiyona eyisinkwa saphakade.
UNoxolo uthe waqala ukufesela lo msebenzi kusukela ngo-2019, kanti uzothi esethathiwe, kwavele kwavalwa izwe kuleli ngenxa yeCovid-19, wangabe esaya eChina. Uthe ugqozi lwakhe lwempilo yilona olumenze wakwazi ukwenza izinto eziningi nezinkulu empilweni yize esemncane.
Le ntokazi eyake yalingisa kwiGenerations: The Legacy nakwiRhythm City, ibonge kakhulu ugogo wayo, uMaShandu, ngokwenza leli phupho laba yimpumelelo.
"Besihlezi sizama, engiqinisa nedolo ngezikhathi zokuvalwa kwezwe, kwabhuntsha uhambo. Ugogo ubelokhu esho ukuthi kuzolunga. Ngiyabonga nasemndenini wami wonke ngemfundiso enhle ngoba abazali bami abasekho. Bashona ngisasemncane kodwa ngenza ngayo yonke indlela yokubenza beziqhenye ngami."
Uthe ukuze azinze kahle eChina futhi agcine esezimela, usizwe wuzakwabo afundisa naye kuleli lizwe, uNomfundo Mkhize. UNoxolo oyisibonelo entsheni yakuleli wafunda eLayukona Primary naseKing Bhekuzulu High ngaphambi kokudlulela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgungundlovu.
Unoxhaxha lwemiklomelo ngenxa yamagalelo akhe ekujajeni umculo wamakhwaya, ekubeni ngukaputeni weqembu lebhola lamantombazane, ebholeni lomnqakiswano, kwinkulumompikiswano, emdansweni nasekulingiseni.
Uthe intsha kufanele yazi ukuthi nasemzini ongenaqhude kuyakhanya ngoba yena udabuka endaweni edelelekile kodwa manje usebenza eChina. Uthe wasizwa ukungayesabi inselelo nokuzimisela uma enza into.