UDIDE abaningi enkwankwaza uma ebuzwa ngokushiya eyokuthandana nobulili obufana nobakhe esehambe ibanga elide ezenza owesifazane.
U-Inno Matijane waduma kakhulu ngokuguqula ubulili esuka ekubeni ngowesilisa waba ngowesifazane, nokuyinto ayichaza eveza ubuhlungu nobunzima engatholi ukwesekwa ngoshintsho lwakhe ohlelweni ayeyingxenye yalo iThe Way Ngingakhona, kuMoja Love.
Ukushintsha kwakhe ekubeni yintokazi abuyele ekubeni ngowesilisa kudide abalandeli bakhe abaningi bebuza ukuthi njengoba eseshumayeza abantu ngokushintsha impilo yabo, ngabe lokho kuchaza ukuthi ukuba yingxenye yeLGTBQIA+ kungukuzikhethela na akusikona ukuzalwa unjalo.
Akafunanga ukuphumela obala ngokumenze walaxaza eyokuqhakambisa eyobuntokazi kodwa ubonakala ebuyele ebunsizweni futhi eqhulula amavesi nemilayezo yokholo mihla namalanga.
Ugcine esenxusa abalandeli bakhe ukuba bangamatanisi ukholo lwakhe nobubi beLGBTQI+. Uthe izwi lenkosi yilona elimholele ekuguquleni impilo yakhe futhi njengamanje akafuni kube namalebuli azomataniswa nawo ukuthi uyilokhu nalokho, kodwa ufuna ukwaziwa njengomntwana kaNkulunkulu
Abantu bayamukele ngezindlela ezahlukene lezi zendaba, babodwa abathi muhle ongabonwayo ngokuguqula impilo yaleli bhungu, babodwa abathi sishiyele izinwele zikanokusho neziphaqulo, abanye bakhala ngokwenzela phansi izingane ezisadidekile ngobulili bazo ebezimlandela ukuze zithole ukuzethemba nokuzamukela njengabantu abahlukile emphakathini.