Ingwazi yombhali wemidlalo yeshashalazi engasekho, uDkt Mbongeni Ngema, izohlonishwa esikhumbuzweni seMpi yaseSandlwana eJoburg Theatre, eGoli kusukela ngoLwesine.
UNgema uzothulelwa isigqoko ngokuthi amalungu e-Afro Soul, uSabelo Ngema nomkakhe, uThandeka Zulu-Ngema, ahlabelele ihubo lakwaNgema ngeSandlwana Lecture-The Musical kaMbuso Khoza.
USabelo uthe bakuthakasele ukumenywa ukuba bazobamba iqhaza esikhumbuzweni sempi yodumo.
"Kube ukuhlonipheka okukhulu kithi ngesikhathi uMbuso esicela ukuba sizohlonipha ubaba wethu, uDkt Mbongeni Ngema, njengoba lokhu kwenzeke esanda kudlula emhlabeni.
Leli kuzoba yithuba kithi lokuba sizame ukuzelapha ngalokho ubaba ayethanda ukukwenza, okuwumculo nomdlalo weshashalazi. Kuzobe kungokokuqala ngqa emuva kokushona kwakhe, ngicula inoni lakhe elingasoze labuna elithi Isitimela SaseZola. Izithameli azilindele ukuvukwa wumunyu nokujabulela ukunandisa kwami,” kusho uSabelo.
Kulo mcimbi kuzobuye kukhunjulwe iqhawe lakwaNgema, elaliyibambile eMpini yaseSandlwana ngesikhathi uZulu ubhuqabhuqa amaNgisi ngeklwa, uSgcwelegcwele.
Ngaphandle kokuthi uSabelo uyindodana kaMadlokovu ngokozalo kodwa yena noThandeka baphekwa ngaphansi kweCommitted Artists kaMbongeni.
UNgema wake wabhala umdlalo othi The Zulu ngenhloso yokukhumbula le mpi ngoba kwakunamaqhawe angokhokho bakhe. Udlule emhlabeni engozini yemoto emehlele eLusikisiki, e-Eastern Cape ngoDisemba 27 nyakenye.
ISandlwana Lecture-The Musical sikuthatha sikubeke ngempi eyayibizwa nge-Anglo-Zulu War eyabambana entabeni, iSandlwana, eNquthu ngo-1879.