UKULINGISA kwi-eHostela nakwiMbewu: The Seed uthi kumsebenzele ekubeni nabalandeli abaningi emculweni wokholo, uSkhulu Ngcobo.
USkhulu ungumculi wokholo odabuka eDududu, eMkhomazi. Uthe akanaso isikhathi eside eqalile ukuqopha kodwa usenenqwaba yabalandeli abeseka umsebenzi wakhe.
“ Ngingumculi ongenaso isikhathi eside eqopha umculo kodwa indlela engesekwa ngayo kwenza ngilibone ikusasa emculweni. Ngiqale ukuqopha umculo wami ngonyaka owedlule. Ngithe ngiqala ukuqopha kwaphoqeleka ukuthi ngikhiphe i-albhamu ngenxa yokuthi bese ngivele nginabalandeli abangazela ekulingiseni. Ngonyaka odlule ngikhiphe i-albhamu yami yokuqala esihloko esithi: Mbulali. Indlela okwenzeke ngayo izinto, nami angikholwanga. Ngizithole sengiqoqa izindondo komasipala basoGwini emincintiswaneni yomnyango wezobuCiko namaSiko kubona omasipala," kusho uSkhulu.
Ukwenzeka kwezinto ngokushesha, uthi yikhona okumnike ugqozu lokuthi angabe esapholisa maseko njengoba esephinde wakhipha enye i-albhamu nonyaka. Isihloko se-albhamu yakhe entsha iSihamba noJesu. Uthe nayo ikhombisa ukuthakaselwa kakhulu abantu abalandela umculo wakhe nabangakubo.
Echaza ngohambo lwakhe emculweni, uthe usenesikhathi aqala ukucula, isikhathi esiningi ubebhulela abaculi asebephumelele amazolo emicimbini eyahlukene. Esafunda uthe wayecula kodwa wayesagxile emculweni weClassic wagcina esephendukele kowokholo ngokuhamba kwesikhathi. Ukushiyelana inkundla nabaculi asebevelele uthe ngezinye zezinto ezimgqugquzele emculweni njengoba namanje eqopha umculo wakhe.