IMBONGI eyisishoshovu somzabalazo, uMzwakhe "The People's Poet" Mbuli, ikomakadebona abazobungazwa besaphila kwiLegends of Soweto In The City of Gold eSoweto Theatre ngoSepthemba 29.
Ngokusho kwesikhulu esiphezulu eJoburg City Theatre, uXoliswa Nduneni-Ngema, ngalolu suku oluyobe lungeSonto kuzohlonishwa amaciko abambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeSoweto Theatre nasemkhakheni wezobuciko jikelele.
Encwadini etholwe yiSolezwe, uMbuli (65) uzohlonishwa ngenkanyezi ezoba seSoweto Theatre, okusho ukuthi igama lakhe lizoba kwiWall of Fame yakulesi sikhungo sezobuciko.
Ephawula ngalokhu kuhlonishwa, uMbuli uthe ubonga kakhulu umndeni wakhe nabantu ebebewa bevuka naye ebumnandini nasebuhlungwini.
UMbuli wazalelwa eSophiatown ngaphambi kokuba umndeni wakhe uphoqwe ukuba ufudukele eSoweto ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo. Ukuhlukunyezwa komndeni wakhe ngamabhunu kwamenza wangena emzabalazweni.
Ulwe kakhulu nohulumeni wobandlululo ngezinkondlo, ezinye zazo ezashicilelwa ezincwadini ezavalwa, okubalwa ethi Before Dawn (1989). Wabuye watalabha uhulumeni ngama-albhamu eyethi Change Is Pain (1986), Unbroken Spirit (1989), Resistance Is Defence (1992) nethi Africa (1993).
Ngeminyaka yo-1980 uMbuli wayengena ephuma emajele futhi waze waphucwa ne-passport ngenxa yeqhaza ayelibambe kwi-United Democratic Front.
Yize kunjalo wazungeza umhlaba nezingwazi zamazwe ngamazwe ezinjengoYoussou N'dour, Miriam Makeba noThomas Mapfumo.
UMbuli wazakhela olukhulu udumo ngesikhathi ehaya enkonzweni yomngcwabo wowayengunobhala weSACP, uChris Hani nasemcimbini wokugcotshwa kukamengameli wokuqala wentando yabantu, uNelson Mandela.
Lokho kwamenza wamenywa ukuba ashiyelane inkundla nozakwabo wase-UK, uBenjamin Zephaniah kwiTwo Nations Concert e-Albert Hall, eLondon ngo-1996 ngesikhathi kubungazwa uMandela.
Ngalowo nyaka uMbuli wabuye waqopha ngokuhlanganyela nezingwazi ezinjengoPeter Gabriel noYoussour N'dour i-albhamu yokuqongelela imali yokusiza abaphila negciwane lengculazi.
UNkk Nduneni-Ngema uthe emcimbini wokuhlonishwa kwalabo makadebona kuyoba nomdlalo weshashalazi oqondiswe yinkakha uJames Ngcobo ongumqondisi wezobuciko eJoburg City Theatre.
Lo mcimbi uqondaniswe nomgubho weminyaka elishumi kwasungulwa iSoweto Theatre.