UMREPHA oyilungu leqembu iSkwatta Kamp nomkakhe baqinisekise ukuthi banezinkinga othandweni lwabo, bathi bacela isikhathi ngasese ukuze bazilungise.
USiya “Slikour” Metane nomkakhe uMelissa Wilkinson bakhiphe isitatimende ngemuva kokuvela kwemibiko ethi bayahlukanisa.
Iphephandaba iSunday World ngeSonto libike ukuthi umkakhe umshiye ngoba emsola ngokumbangqa.
Libike ukuthi umrepha usolwa nangokuhlukumeza umkakhe ngokwemali nangokomqondo. Kuthiwa ukhale ngokuthi uSlikour unaka kakhulu umsebenzi futhi izinqumo ezithinta imali uzithatha yedwa.
“Useyalele ummeli wakhe ukuthi ambhalele amtshele ukuthi ufuna ukufaka isehlukaniso,” kusho umthombo weSunday World.
Kuthiwa ufuna isondlo esingu-R20 000 sengane yabo.
Ngokwesitatimende uSlikour nomkakhe abasikhiphile safakwa emakhasini abo kwi-Instagram, bathe bayazi ngemibiko ethinta umshado wabo.
“Sesishade iminyaka emihlanu futhi njengayo yonkei imishado, sinezinkinga esidlula kuzo, sizinqobe. Yize sizivuma lezi zinkinga, sifuna ithuba lokuzisebenza ngasese.
Singabazali sobabili, sizimisele ngokwakha ikhaya elinenjabulo nempilo hhayi kuphela senzela thina kodwa okubalulekile yizingane zethu,” kusho isitatimende.
Banxuse ukuthi abantu babaxege.