UKUGQAMISA ubuciko nokugqugquzela izitshudeni ngokuziphatha kahle kungezinye zezizathu uLinda "Mr Magic" Sibiya athi zimenze wathatha isinqumo sokubuyisa umjikelezo wakhe, iMagic Tour, ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili yagcina.
UMr Magic, owagqama esakaza kuKhozi FM, wagcina ukwenza iMagic Tour ngo-2015. Yayihambela izikhungo zemfundo ephakeme lapho okwakugqugquzelwa khona izitshudeni ngokuziphatha bese kuba nabaculi abahlukene.
"Bengigxile ebhizinisini okuyisikole sokufundela ukusakaza, iMagic Broadcasting Academy kanjalo neLinda Sibiya Foundation. Bengenza nemisebenzi yethelevishini," kusho uLinda.
Uthe ubonile ukuthi sisesikhona isidingo somcimbi wakhe, okuyingakho esethathe isinqumo sokuwubuyisa.
"Kunesikhala uma ubheka ukuthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane akuphelile, izitshudeni ziyakhulelwa, baningi abashiya phansi izifundo nokunye.
Ngeke uqede ukufunda uma usugula noma ungaziphethe kahle. Yikho lokho esizokukhuluma nezitshudeni, sibe nemibukiso ehlukene, siphinde sihlolele izifo noMnyango wezeMpilo," kuchaza uLinda.
Uthe kuzoqalwa ekuseni ngokuhlolwa kwezifo, bese kuthi phakathi kuka-3 ntambama no-10 ebusuku kube nabaculi abahlukene abazonandisa.
"UDJ Masiya uzobe ekhona, Merlon, Big Zulu, Dladla Mshunqisi, Ugatsheni nabanye osaziwayo. Nabangaphakathi ezikhungweni sifuna bathole inkundla yokuzibonakalisa."
Uthe bazoqala eMangosuthu University of Technology ngoJulayi 28.
"Sizohambela naseDurban University of Technology (DUT), eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, oNgoye nasemaTVET Colleges."