BANETHEMBA lokuthi kuzothela izithelo ezinhle ukuvuselelwa kwesiko lomculo wombholoho kanjalo nendlamu kuleli, abantu abasha baseNewcastle.
Ngempelasonto amaqembu ehlukene akhombise ngamakhono awo kulo mculo owawudlisa emishadweni ngezikhathi zakudala ngesikhathi kunomncintiswano woMnyango wezeMidlalo amaCiko namaSiko, KwaZulu-Natal.
Umcimbi walo nyaka ubusoSizweni Arts Centre. Abanqobile bakhale bemka nemiklomelo yemali ukuze bakwazi ukuzithuthukisa.
Ekhuluma neSolezwe uThulani Phakathi weqembu iMntimande Ingoma Dance, elikhale lemuka no-R12 500, uveze ukuthi inhloso wukuthi basize intsha yasemalokishini ngokuthi bavuselele isiko lakudala lomculo wombholoho.
“Ngiyazi ukuthi sinabafowethu esinabo kulo mkhakha inhloso yethu iyodwa, wukuthi umculo wombholoho ungashabalali. Manje usuthi uma uhambele imishado, angabi bikho amaqembu ayecula njengakudala, ngakho mina ngikhethe ukuthi sibuyele emuva sibheke ukuthi singenza kanjani, ukungazishabalalisi izindlela esakhula ngazo,” kusho uThulani.
Uthe okwamenza waqala elakhe iqembu ukufika emishadweni ehlukene, abone izingane zicula ngendlela okungesiyona, futhi engamukeleki.
“Izingane uvele ubone zigxuma nje ungazi ukuthi kwenzakani, okwangisukumisa ngaya elokishini elincane khona la eNewcastle, elaziwa ngeBlaauwbosch, ngafika ngaqoqa izingane kusuka ngo-1999, kuze kube manje sisayibambile, njengoba ezinye zihamba uma sezithole amadlelo aluhlaza bese kungena ezinye,” kuchaza yena.
Imali abayitholile uthe bazoqhubeka nokusiza ngayo intsha efuna ukuya emakolishi nabayisiza ukuthi ibhalise ezikhungweni zemfundo.
Emkhakheni wombholoho kuphume phambili iMntimande Ingoma Dance, isibili kwaba yi-oSizweni Theater Production, isithathu sathathwa yiNgqayizivele Amazulu Ngoma Dance.
Emkhakheni wendlamu kuphume phambili Usiba Youth Development, isibili sathathwa Usizo, isithathu sathathwa Ingqayizivele Amazulu Ngoma Dance.