UMNDENI kaZanele Mbokazi uthi ubonga umsakazo Ukhozi FM ngokumbuyisela emsakazweni azozwakala okokugcina.
Uthe ungathi bewazi ukuthi uZanele uzohamba njengoba naye alijabulela ithuba lokubuyela ekusakazeni.
USthembiso Mtshali okhulumela umndeni ukusho lokhu izolo emzini kaZanele eLa-Mercy ebonga kubasakazi balesi siteshi abebezoveza amehlo emndenini.
Umndeni kaZanele ubonge bonke abasemikhakheni yezindaba, imisakazo namaphepha abathe bebazi ukuthi bebengabangani bakhe.
"Umyeni kaZanele uMbhishobhi Nkambule uyabonga ngakho konke ebenikwenza noZanele nimxhasa uma enidinga. Kodwa sibonga umsakazo Ukhozi nabaphathi ngokubuyisela uZanele emsakazweni njengoba ubewuthanda umsakazo. Ubehlala ejabule uma eya khona obekucaca ukuthi uyokwenza into ayithandayo," kuchaza USthembiso.
Umphathi woKhozi, uSbongi Ngcobo uthe nabo abazisoli ngokubuyisa uZanele njengoba kwaba isinqumo esihle abasithatha.
Uthe indlela abambuyisa ngayo naye wayengazi njengoba bamcela kwaba sengathi uzovakasha.
Izolo bebesatheleka abefundisi, amaciko nosopolitiki.
ULindelani Mkhize wodumo eqenjini iJoyous Celebration, uDkt Zweli Mkhize we-ANC, uLinda Bukhosini ongumphathi weThe Playhouse Company ngabanye ababonakele bezobhonga emswaneni.
ULindelani uthe bashayekile emkhakheni wokholo.
“Mina bengiwumngani wakhe. Bengihlala ngimphusha ngithi akenze konke afuna ukukwenza. Ubehlala eza kimi uma kukhona ubunzima abhekana nabo, ngakho ukuba umholi kumenze washayeka waba nemivimbo, kodwa bengimqhuba ngithi ngeke uvumele abantu bakudikibalise, qhuba uye phambili,” kusho uLindelani.
UDkt Zweli Mkhize uthe udabukile ngokuhamba kukaZanele ngoba ubengumholi abebesalindele okukhulu kuye.
“Ubuholi bukaZanele busebenze kakhulu ekuthuthukiseni isifundazwe iKwaZulu-Natal. Ngesikhathi eqala umcimbi wakhe wamaCrown ngangisekhona esifundazweni nokwasijabulisa ukuzwa ngawo ngoba wawuthuthukisa amakhono emculweni wokholo,” kusho uDkt Mkhize.
Izolo umndeni uqinisekisile kwabezindaba ukuthi inkonzo yesikhumbuzo izoba ngoLwesine ngo-1 emini ebandleni iGNF eDurban Station.
Inkonzo yomgcwabo izoba se-ICC ngoMgqibelo ngo9 ekuseni bese eyofihlwa emathuneni aseMariannhill.