UMLINGISI obenguQueen Ibanathi kwiFalakhe, nekanina weNkosi uShaka kwiNandi The Musical, uthole ingqayizivele yethuba lokuyokhangisa ngencwadi yakhe esihloko sithi Amaloba The Traces phesheya kwezilwandle.
UNtokozo "Sngqazu" Ngcobo uzokwethula incwadi yakhe eNanjing Literature Centre, edolobheni laseChina, iNanjing, ngoSepthemba.
Uthe kulo mcimbi isikhulumi sosuku kuzobe kuyingqalabutho, uDkt Gcina Mhlophe, bese kuhaya osonkondlo abahlonishwayo, okungoXoli "Zion" Vilakazi noNkululeko "Page" Ngwenya, kanti isigingci sizobe sincinzwa wuCebo Ngema.
UNtokozo uthe kusho lukhulu kuye ukuhambela phesheya njengombhali osemusha odabuka emakhaya.
"Njengomuntu okhulele emakhaya, angikaze ngakucabanga ukuthi izindaba nezinkondlo zami ziyogcina sezithakaselwa nangabantu baphesheya kwezilwandle. Ukubona incwadi yami, Amaloba The Traces, seyifinyelela kubantu bakwamanye amazwe kuwukufezeka kwephupho lami. Kuwubufakazi bamandla okuxoxa indaba." Uthe uyaziqhenya ngokuyomela iNingizimu Afrika nokuqhakambisa amazwi ahlukene emhlabeni jikelele. Uthe le mpumelelo iyizinkomba zokuthi izindaba zase-Afrika zithakaselwa nanoma yikuphi. Uthe ababhali bamazwe ngamazwe bazothola ithuba lokuzifundela kabanzi ngokuqukuthwe nga-Amaloba The Traces.
UNtokozo uthe uzosuka eChina aqhubekele ochungechungeni oluse-United States of America (USA) nase-United Kingdom (UK).
Le ntokazi ithe kuyisize kakhulu ukulingisa emidlalweni yaseshashalazini neyethelevishini ngoba ithuthukisa amakhono ayo futhi kuyayicija ukuba ikwazi ukuhlukanisa ishashalazi nethelevishini.