UMLINGISI obuye abe ngusomabhizinisi uSophie Ndaba owaduma ngendawo kaQueen Moroka emdlalweni i-Generations muva nje ube nengxoxo noRelebogile Mabotja wavula isifuba ngobunzima abhekana nabo ekhula nasemkhakheni wokulingisa akuwo.
USophie uthe esemncane uyise wagula kakhulu ephethwe yizinso wagcina ephila neyodwa.
Uthe ngunina owayesebenza futhi umndeni wawudonsa kanzima ngasemalini.
Eqhuba uthe uyisemkhulu udabuka eZimbabwe futhi eseneminyaka engu-8, unina wamthatha wayohlala eHarare nodadewabo omdala owayeseganile enezingane.
"Leya ndoda (esho umyeni kadadewabo) yayikuthinta noma kanjani. Ngikhumbula ukuthi ugogo wayeke angitshele ukuthi ngingavumeli amadoda angithinte noma angiqabule. Wathi kumele ngivume uma abantu besilisa bengibingelela bese ngiyaqhela eduzane kwawo. Ngaso sonke isikhathi le ndoda uma isivalelisa isiyolala, yayingiqabula ize ifake ulimi lwayo emlonyeni wami," kusho uSophie.
Uthe kukhona konke lokhu akufunda kuninakhulu wukuthi wamsiza wadlula kulesi sigaba ephephile njengoba indoda eyayenza lokhu kuye akukho okunye eyaqhubeka yakwenza okungaphezu kwalokhu eyamenza khona.
Uveze ukuthi yize izinkinga zakhe zingaphelanga lapho njengoba kukhona isikhathi aya kohlala ekhaya eligcina izingane ezingenabani nokwathi ekuhambeni kwesikhathi wathathwa abashadile ababephila kahle, kodwa yena bamphatha kabi.
"Ngemuva kwenyanga nje ngikhona, umama wakhona wangitshela ukuthi izingane azilali emakamelweni, zilala phandle. Mina nezinye izingane ezimbili esasifike nazo sasilala phandle endaweni engusimende, sigeza ngamanzi abandayo singanikwa nokudla ngendlela ekahle," kuchaza yena.
Uthe lo mndeni wawuyizimpunyela, kodwa indlela ababephethwe ngayo yayimshiya edidekile futhi enemibuzo.
"Ngaso sonke isikhathi wayethanda ukuthi abonakale enathi sonke. Wayefuna abantu bazi ukuthi unomndeni. Ngibona ukuthi konke lokhu wayekwenza ukuze agcine umshado wakhe ukahle njengoba wayengakwazi ukuzitholela abantwana bakhe,“ kuchaza uSophie.
Uthe ngesikhathi uyise emvakashele ngomunye unyaka kungamaholidi kaKhisimusi, wambona ehlile emzimbeni, kwathi uma embuza ukuthi kwenzekani waqamba amanga wathi yingenxa yemidlalo abayenzayo, kodwa uyise wabona ukuthi uqamba amanga wabuya wazomlanda.