OWAYEYIMENENJA kaThinah Zungu, ophinde adlale indawo yesangoma kuMkhokha: The Curse uthi namanje usathwele kanzima ngenxa yabantu abazitshela ukuthi uyisangoma ngempela.
UMfundisi Ngethe Msweli, uthe yize kwaziwa ukuthi usuke elingisa akasona isangoma kodwa kukhona abantu abazitshela ukuthi uyisona ngempela.
“Ngenxa yokuthi ngingumfundisi kukhona nabanye abagcotshwa abangaqondi, abake bangifonele ngoba befuna ukuqinisekisa ukuthi angisona ngempela yini isangoma. Noma ngibachazela kodwa abanye uyabona ukuthi abayikholwa kahle lena. Badidwa yindlela engilingisa ngayo le ndawo, bazitshela ukuthi yinto engiyaziyo ngempela ubungoma. Empeleni angikaze ngiye ngisho kobhula esangomeni futhi bengingazi ngisho nokuthi kwenziwa njani, ngiqale ukuqonda ngobungoma sengilingisa le ndawo kuMkhokha. Nakhona kube nzima kakhulu ngisaqala ukuyidlala ngoba bekumele ngenzise kwesangoma ngempela. Ngizame kaningi kwaze kuba kuyalunga. Bengimiswa njalo ngoba bekumele ngibonakale ngenzisa kwesangoma ngempela ngagcina ngikwazile. Anginalo ngisho nobizo lobungoma futhi akufiki ngisho nokuthi ngizamule uma ngidlala le ndawo,” kusho uNgethe.
Yize bekwaziwa ukuthi unebandla lakhe uMfundisi Msweli kodwa usephumele obala ngokuthi usekhonza ngaphansi kwebandla likaMfundisi Thinah Zungu, i-Ark Family Church.
“Okwenza ukuthi ngingene ngaphansi kwebandla likaThinah ukuthi nguyena kuphela umuntu owasala nami engeseka ngesikhathi izinto zingangihambeli kahle ngesikhathi seCovid-19. Njengomuntu owayenebhizinisi lokufaka ama-Elevator, lawiswa yiCovid-19. Abantu engangibethembile nabazalwane bavele bangibalekela bonke kwasala uThinah, obelokhu enami. Isinqumo ngisithathe ngoJanuwari kulo nyaka ukuthi ngingene ebandleni lakhe. Njengoba engumphathi webandla nami ngingaphansi kwakhe. Nokuthi ngimbiza ngoThinah yingoba ngixoxa nawe nje ngoba uyazi ukuthi mina naye sahlanganiswa wumculo ngiseyimenenja yakhe. Sengihlala ngimbiza ngoMfundisi Zungu njengobaba esengikhonza ngaphansi kwakhe,” usho kanje.
UMsweli uke walingisa nakweminye imidlalo yethelevishini okukhona noZalo kuwona. Uphinde abe nenkampani yomculo iKhaya Music Productions enomculi oyedwa uNdumiso Shongwe osayinwe ngaphansi kwayo.