IGCAGCELE esokeni kuMnuz Vhonani Mudau, oshaya ngomacekeceke weveni lakwa-Toyota i-Hilux single cab, aluwine emncintiswaneni we-Hollywoodbets bebambisene nabakwa-Evolution Gaming ngoMgqibelo, eHollywoodbets, eKings Park.
UMudau (43) odabuka eThohoyandou, eLimpopo, kodwa ozinze ePitoli, ekhuluma neSolezwe, uthe ujabule ngokuhlabana ngemoto.
"Leli veni lizongisiza kakhulu ngoba imoto yokuqala emndenini. Izosisiza kakhulu ngezindlela eziningi ngoba indawo engihlala kuyona isemakhaya, okuchaza ukuthi leli veni liyinzuzo kimina ngoba eminye yemigwaqo iwubhuqu," kusho uMudau.
Uthe ukufika kweveni empilweni yakhe kusho ukuthi usezokwazi ukuqala ibhizinisi, nokwenza eminye imisebenzi ebalulekile empilweni yakhe.
"Ngizovula ibhizinisi lokudayisa izithelo, ngivule imakethe ngoba iveni livule omunye umnyango kimina wokuthi ngiqale into entsha empilweni yami," usho kanje.
Echaza ngokungenela umncintiswano, uMudau uthe wathola ngawo kwi-website yakwa-Hollywoodbets ebizwa ngokuthi Azishe-ke, Lets Play, walandela imiyalelo yakhona. Uthe wabe esethola ucingo ngo-Okthoba nonyaka etshelwa ukuthi uqokiwe njengomunye wabathathu abangase bahlomule ngokuwina iveni noma u-R25 000. Uthe konke lokhu wayengakukholwa, ezitshela ukuthi mhlawumbe uzoqolwa kangangokuthi udadewabo wathi kuye, akusiwo umncintiswano-lo, umkhonyovu.
UMnuz Selvin Triem (39) odabuka eWestern Cape, ohlomule ngo-R1 million wokulungisa umuzi wakhe yena uthe: "Kuxubene imizwa njengamanje, kodwa ngijabulile kakhulu. Le mali izosisiza kakhulu, ngize ngatshela nomkami sisendizeni siza eThekwini, ukuthi noma ngabe kuthiwa asiwini akunankinga. Kodwa manje ngoba nakhu sesiwinile, kuningi okusamele sikucabange. Okubaluleke kakhulu umndeni wami ozohlomula kakhulu kule mali," kusho uTriem.
Kafushane ngomncintiswano wakwaHollywoodbets. Ungenelwa ngokuthi amakhasimende abheje ngo-R10 noma ngaphezulu kunoma iyiphi imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo.
Ihlandla lokuqala bekuwukulungisa ikhaya okubiza u-R1 million, olale isibili athole u-R150 000 wokulungiselwa amakamelo kuthi olale isithathu azigodukele nesamba semali ka-R50 000. Ohlelweni lwesibili lomkhankaso i-Azishe ke, ozoqhubeka kuze kube uMeyi wonyaka ozayo, ozonqoba uzothola i-Toyota Hilux single cab, olale isibili ahlomule ngo-R25 000.
Oyinhloko yemisebenzi kwa-Hollywoodbets uMnuz Morgan Shandu, uthe kube yintokozo ukubona labo abawinile bethakazela ukunqoba kwabo.
"Bajabulile ukuthola imiklomelo okungakholeki ngalesi sikhathi samaholidi. Okuphinde kwajabulisa ngokufanayo kube yisimemezelo somnqobi womncintiswano we-Evo-Mania Home Makeover ka-R1 million, ubambiswano oluziqhenyayo lwe-Hollywoodbets ne-Evolution.
“Njengoba sibhekene nemidlalo yebhola lombhoxo ethokozisayo, umculo omnandi, nobumnandi be-Hollywoodbets Sharks Fest eThekwini, bekuwusuku okufanele silukhumbule umgubho wangempela ozuzisa amakhasimende ethu nomphakathi," kusho uShandu.