UMBANDELA weMamelodi Sundowns ovimbela ukuboshelwa kwabadlali ebabolekise kwamanye amaqembu uma bebhekene nayo, uzowaxegisa AmaZulu ezogijima nayo koweBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3 ntambama.
Sesiside isikhathi imunyungwa indaba yeSundowns nalo mthetho wayo ebholeni laseNingizimu Afrika, kwazise isikhathi esiningi uthambisa amaqembu asuke ebukeka engayidlisela ogageni uma ephelele.
Kufanele uhlale usematheni lo mbandela weSundowns ngoba nakowanamuhla izobhekana noSuthu lushoda ngo-Etiosa Ighodaro okunguyena umgadli walo ohamba phambili kule sizini ngokushaya amagoli (3).
Ngaphandle kuka-Ighodaro, omunye umdlali ongeke adlale namuhla noma ngabe abaqeqeshi uVusumuzi Vilakazi no-Arthur Zwane bayamdinga, ngumdlali wasemuva kwesokunxele uSifiso Ngubeni naye obolekwe kwiSundowns.
UPhilani Ndlela waMaZulu ukuqinisekisile ukuthi laba badlali ngeke badlale koweSundowns.
Umthetho weSundowns uhlale ukhulumisa ikakhulukazi njengoba ne-Orlando Pirates seyawuqobela phansi kubadlali esuke ibabolekisile. Ngesisini edlule, iPirates ihlulekile ukuthola amaphuzu amathathu kwiChippa United ngenxa yegoli likaGoodman Mosele obimbokelise kwiChilli Boys. Umdlalo wagcina uphele ngo 1-1.
Emuva kwalokho, iPirates ijoyine iSundowns ngombandela wokubolekana okuvimbayo ukuthi kuboshelwe umdlali emboleke iqembu esuke ibhekene nalo.
Naseminyakeni edlule, lo mbandela kwakhulunywa ngawo kakhulu lapho iSundowns eyayilwela ukudla isicoco seligi ibhekane neSuperSport United eyayishaya ngabadlali ababolekwe eChloorkop. Yayingavumelekile ukubophela uRicardo Goss, Grant Magerman no-Ighodaro ngoba bebolekwe kwi-Downs.
Okukhulumisayo wukuthi kucacile ukuthi iSundonws isuke idlala ibanjelwe uma ibhekene namaqembu asebenzisa abadlali abasuke bebolekwe kuyona.
Akuzibeki ukuthi lokhu kuyibeka ebuhleni iSundowns ngoba laba badlali abanqatshelwa ukudlala nayo, kuba yibona abasoconga wonke amanye amaqembu angu-15 esigabeni esikhulu okuwusizo kuyona.
Ngokuthola kweSolezwe, iSuperSport ayisayisebenzi indaba yokuboleka kwiSundowns kwazise oMagerman noGoss seyabasayinisa ngokugcwele.
Yize iSuperSport seyaxebuka kodwa amaqembu afana naMaZulu, alokhu eqhubekile ngokuboleka abadlali beSundowns njengoba kwenzeka nakwiSekhukhune United engavumelekile ukusebenzisa uSipho Mbule uma ibhekene nompetha beligi.