INDAWO yaseHarding ike yaduma kakhulu ngokuba ikwajombigazi ngenxa yokubhuqwabhuqwa kwabantu ngenhlamvu kungazelele muntu. Umphakathi bewusuhlalele ovalweni ngenxa yokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu mihla namalanga. Kuze kwasolwa ukuthi kunenkabi ethela othulini nanoma wubani kule ndawo engaphansi kukaMasipala waseMuziwabantu. Ngenyanga kaJulayi kuke kwadindiliza izidumbu abayisikhombisa futhi bamazinga ahlukahlukene; okubalwa kubo osomatekisi, abashayeli ngisho nephoyisa imbala. Ngenyanga eyedlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele uze wahambela lomphakathi kade kunembizo yokunqanda ubugebengu emuva kokudedelwa kwezigebengu ngebheyili ezingu-108, eziyisikhombisa beziboshelwe ukubulala kanti ezingu-20 beziboshelwe ukudlwengula. Imeya yakuMasipala waseMuziwabantu, uMnuz Siboniso Zungu, uthe sekuzoba yinto yayizolo leyo ngoba izigebengu sezizoyeka ukuchanasa ezindaweni ezakhele lomasipala. Ekhuluma esithangamini sabezindaba emahhovisikaMasipala waseMuziwabantu, eHarding ngoLwesine, uZungu uthe umphakathi uzoke ikhohlwe ukuhlalela ovalweni kodwa ujabulele amaholidi kaKhisimusi ngedili lomculo kwiHarding Summer Festival eseHarding Park ngoDisemba 17. Uthe kuzobe kukhona lonke uhlobo kwamaphoyisa ukuzovikela amalungu omphakathi nezivakashi ezizobe ziliqhamukisa kuzozonke izifundazwe.
"Yinqwaba esijutshiwe edolobheni lethu. Amanye amaphoyusa azobe ehamba ngezinyawo."
Umgqugquzeli walo mcimbi, u-Irvin Sihlophe, uthe inhlosongqangi ngeHarding Summer Festival uthe ngeke kugcine ngamaphoyisa kodwa naye uze eqaphe umcimbi ngonogada abangaphezu kuka-100. Eqhuba uthe
yakhe ngalo mcimbi ukususa intsha emikhubeni engasile nokudala amathuba emisebenzi. UMnuz Anele Nzimande, oyikhansela elibhekene nezobuciko namasiko, uthe luzobe lungafakwa lubuya nodaka. Uthe okwamchaza kakhulu ngalomcimbi ukunikezwa kwabaculi bendawo ithuba lokushiyelana inkundla nasebaziwa. Nosehhovisi lokuxhumanisa umasipala nomphakathi, uMnuz Bruce Julibane, uthe lomcimbi uzoshintsha impilo yamaciko endawo asafufusa.
Kubaculi abazobe besina bededelana kubalwa uProfessor, DJ Tira, T'zozo, Babo, Sgwili, AmaSiblings, Zakwe, Mjosty, Thobekile, Sosha, Bullistik, Sox, DJ Bruce, Qhosha, Bahubhe, Nomfundo Moh, Jumbo, Bhar, Zinaro, Mlungisi Duncan, Calvinator, Ichwane Lebhaca, DJ Sfqemeza, Dawn Thandeka King, DJ Nkoh, Sgqemeza, Zeal, Lucky Nkosi, Fey M, Swazi M, Phindi P nabanye abaningi.
Amathikithi okuthamela lomcimbi aseyatholakala ezitolo zaseSpar naseShoprite kanye naseTicketPro.