BEZIWUSHAYA kumculi waKwaZulu Natal ogabe ngezingoma zothando nongomunye wezintokazi ezizakhele igama emculweni. ULungi Naidoo wengoma eshisa izikhotha muva ethi Wena Wedwa ayicula noNdumiso, ubophe ifindo likasofa silahlane ngempelasonto nesithandwa sakhe uKarl Anderson. ULungi ngo-Agasti wanameka izithombe ne-video ezovela kubo umyeni wakhe owafika wazishaya zonke. ULungi utshele leli phephandaba ukuthi lesi yisikhathi esimnandi nesibalulekile empilweni yabo.
" Okwamanje sizoke sithi ukunyamalala izinsuku eziyisishiyagalombili ezilandelayo kodwa ungaqhubeka nodaba," kusho lo mculi. Abantu balokhu bembongele njalo emakhasini akhe ezokuxhumana. Kwenzeka lokhu nje nengoma yakhe iDuro ayiqophe i-video ngoDisemba nyakenye ilokhu yenze kahle ezinkundleni zomculo. Yize engagabile ngokuhlala eqopha noma ekhipha izingoma ezintsha kodwa izingoma zakhe ziba nesasasa uma sezikhona.
" Ngiyakubongela Lu ngikufisela injabulo nothando ohambeni lwakho," kusho uThabile Hlela.
" Ngiyanibongela nomyeni wakho," kusho uGlynnis De Villiers.
" Ngiyakubongela dadewethu nginifisela konke okuhle uNkulunkulu abusise umshado wakho," kusho u-Elephant Noise.