KUJABULE izihlwele ngesikhathi kungena izintandokazi zikamaskandi esiteji okunguBuselaphi Gxowa noDumisile Mthalane.
Bobabili bebehlanganyele namanye amaciko ngeledlule koweGcwalisa Spring Picnic All White eKing's Park Stadium, eThekwini. Phambilini bese beyinkukhu nempaka kepha kuhlokome inkundla ngesikhathi bebona uBuselaphi noDumisile.
Bazakhela udumo besacula ndawonye eqenjini likamaskandi, Imithente kusukela ngo-1993. Leli yiqembu eliwuzungezile umhlaba futhi liwola izindondo okukhona kuzo eyamaSouth African Music Awards (Sama) lapho laqumba khona phansi ngisho naMageza Amahle. Imithente ishise kakhulu izikhotha ngamanoni athi Ubezothini, Simqonda Ngqo, Isidikiselo, Intuthwane nelithi Ungiyane.
Emuva kokudlula emhlabeni komsunguli waleli qembu, uSimosakhe Mthalane nomunye wabaculi baleli qembu, uNokwazi Ntuli, yahlakazeka Imithente njengoba uBuselaphi waziculela ngayedwana. Kwabuye kwaqubuka umsindo uBuselaphi noDumisile sebebanga ikhumbi yaleli qembu nokuthi base behlukene ngokwamaqembu epolitiki. Nakuba kunjalo, laba baculi babuye bazehlisa bakhohlwa osekwadlula. Baqale ukubonakala ndawonye emcimbini i-One Night with Sjava e-ICC Arena, eThekwini, ngoMashi 2020.
Yize abalandeli baleli qembu befisa ukuba laba baculi baqhubeke nokucula ndawonye kwiMithente kodwa bona bathi abanazo lezo zinhlelo zokuqopha ndawonye kodwa bebefuna ukukhombisa umphakathi ukuthi akasekho onenxa nomunye. Nasemcimbini bacula ndawonye ngoba babenxuswe wuSjava ukuba bahlabelele amanoni angasoze abuna eMithente.