LWAQALA ushikishi lokuqoka izingoma ezilushumi ezizobanga ukuhlukanisa unyaka u-2022 no-2023. Ngo-2021 kwaba nokukhala nokugedla kwamazinyo isicoco sesihambe nentokazi yaseSeaview eThekwini, uHlosiwe "DJ Hlo" Mthalane.
Namanje kusekhona abasashaya amakhala ngokunqoba kwakhe umqhudelwano ekubeni naye wayengenele njengabanye. Ayikho inhlamba angayitholanga emuva kokuba ingoma yakhe esihloko sithi Isibani isikhale yemuka nawo umklomelo. Nakulo nyaka uDJ Hlo ukhiphile ethi Visa, futhi abantu kulokhu bayamncoma ngayo.
Kubaculi okulindeleke ukuthi badlane imilala kwiTop 10 kubalwa uKO ngengoma ethi Sete, DJ Tira ngethi Sikilidi, Kelly Khumalo ngethi Bayakhuluma, Inkabi Nation ngethi Voice Mail, Mafikizolo ngethi 10K, Makhadzi- Magear, Pabi Cooper ngethi Banyana Ke Bafana, Bello noGallo ngethi Imali Iyagezana, Nkosazana Daughter ngengoma ethi Ithuba nabanye.
Kumaskandi bangase bamelwe nguLuve Dubazane ngethi Xola, Mashelela ngethi Ngabe Kade Saphumelela, Stabhilithi ngethi Imnand' Intshebe, Menzi ngethi Amadodenu nabanye.
Selokhu waqala lo mncintiswano sewuke wawinawa nguNtencane, Mroza, Khuzani, Kings of the Weekend, Brenda Fassie, Mandoza, DJ Tira, Professor nabanye.
Ukungenela umncintiswano obizwa ngoKhozi Top 10, wuthumela igama elithi INGOMA, igama lomculi nesihloko sengoma yakhe kwi-33665.
Ukuqokwa kwezingoma ezizobanga ukuhlukanisa unyaka kugcina ngoNovemba 29 nonyaka.