UKHISIMUSI uzosheshe ufike kubaculi bakamaskandi njengoba bezokwamukela izipho zalolu suku kubalandeli babo kwiVuma Maskandi Artists & Fans eDurban Station, ngoDisemba 3, kusukela ngo-2 ntambama.
Ngokusho komgqugquzeli walo mcimbi, abaculi bazobe bevalelisana nabalandeli babo njengoba kuzobe sekusondele izinsuku zikaKhisimusi.
"Lo mcimbi waba umqondo wokuthi abaculi bahlangane babe nomcimbi abazoba nelungelo kuwona bebambisene futhi nabalandeli bazibone bebalulekile ngoxhaso abalwenzayo kumaciko. Singasho nje sithi lo mcimbi ungowabaculi nabalandeli bomculo kamaskandi.
“Siwusungule emuva kokubona izinto eziningi ezikhathaza abaculi nabalandeli babo kweminye imicimbi esike yabakhona njengokubiza iciko lingakhokhelwa kodwa abalandeli balo begcwele inkundla, kuphinde kuthiwe alicule ingoma eyodwa lapho abalandeli balo bekhokhile.
“Bayahlukumezeka kakhulu futhi abanye bagcina bephelelwa uthando lokuya kobuka amaqhawe abo." USizwe uthe baqale ukwenza lo mcimbi ngonyaka owedlule ngokubambisana nabaculi abambalwa.
Uthe kulo nyaka izinga likhuphuke kakhulu njengoba bebophele inqwaba yabaculi abahlonishwayo abanjengoBahubhe, Jumbo, Ithwasa Lekhansela, Lagxabha, Ezechalaha, Amavikelambuso, Mdumazi, Malahle, Gadla Nxumalo, Oshodo, Qhoshangokwenzakwakhe, Abasekwandeni, Saliwa, Amaviyo, AmaYellowbones, Ichwane Lebhaca, Inyonemhlophe, Sanda Magubane, Sceke Sentombi, Mxhashazwa, Mjikelwa, Mjolisi, Mudemude, Vukani Nzama, Amavukayibambe, Nqobile Mbandlwa, Mphuphe, Mbuzeni, Imbongolo, Intombi Yentandane, Iimbali Zempondo, Amagqishamnkantsha, Amaxoki, Joice, Sbhomane, Gxumanogodo, Abagqobhi, Makepisi, Skhala Nene, Balingile KaNjemboqo, Cheese, Ibhova Elincane, Umlazi New Sound naMachube Amahle.
Uhlelo luzobe luzobe luphethwe uZulu Glamour, Mashudula, Somnyama Khumalo, Kiss Before, Scuthe, Nkunzemnyama, Dear Msakazi, MC Namba4 noPhezukwenxeba.
USizwe uthe bazoqikelela ukuthi abaculi bonke basebenza ngokuzikhandla ukuheha abantu ukuze izithelo zomcimbi bazibone. "Siyabakhuthaza ukuthi bakhulise abalandeli bomculo wamabhinca ngoba njengamanje abaxhasi asinabo.
“Siyafisa uma kukhona ongalula isandla angenelele ngoba okwamanje amaciko sisawakhokhela ngemali yabalandeli babo. Singasho sithi abalandeli babambe iqhaza elikhulu kulo mcimbi."
Uthe amasango azoqala ukuvulwa emuva kuka-2 emini kodwa umcimbi uzoqala ntambama kuze kuse emnyango ngakusasa.