ISIHLOKO: Khuphuka Dlozi
UMCULI: Skorokoro Gumede
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
USkorokoro wumthente ohlabe usamila emculweni. Isaga esithi "Umfundisi akamzali omunye umfundisi’’, uyaphikisana naso njengoba ephekwe wavuthwa tobo nguyise owayeyinkakha emculweni kamaskandi, uNonkasha. Yize ecijwe nguyise kodwa ushuni wakhe uhlanganise bonke oshuni abashisa izikhotha kulezi zinsuku. Kuzomsebenzela kakhulu lokho ngoba kuzokwenza umculo wakhe usheshe wamukeleke. Akudingeki ukuba uze ube umlandeli noma yisihlobo sakhe ukuze uthande umculo kaSkorokoro. Uwudidiyele ngale ndlela yokuthi ube yintandokazi kanoma wubani. Ezingomeni ezizokuhlaba umxhwele kubalwa ethi: Ngizozabalaza, Ngixolele, Dwala Lami, Bayaphela Abantu, Bathini Abantu, Sanibonani, Awushinge nethi: Jongo Lami. USkorokoro ubuye wagadla ezinsizweni ezizibiza ngaMagcokama ekubeni zenza amanyala emakhaya. Ubuye wabalisa ngokudlula emhlabeni kukayise, uNonkasha, ngoSepthemba 2020. Okuvusa uiminjunju ngale ngoma ukuthi uNonkasha akagulanga kodwa watholakala eseyisidumbu endlini ayehlala kuyo emuva kokunyamalala izinsuku ezinhlanu, engatholakali ocingweni. Nakuba uSkorokoro eseyivukane emculweni kodwa uzwakala esevuthiwe. Uma ekutholile ukwesekwa okwanele emisakazweni enjengoKhozi FM, noma kanjani, uzobalwa nezinkunzi maduze.