UDJ Sbu uzithintele iziqandu kubantu ngesikhathi ezama ukuvikela umculi wekwaito ongasekho, uSimphiwe "Brown Dash" Mpamile.
Indaba isuke ngoDJ Cleo kwiPodacast and Chill with MacG, osole uBrown Dash ngokweba ingoma kaThembi Seete eyayithi Ngaphansi Komthunzi Welanga. Ngokusho kukaCleo, othe usenayo ikhophi yaleyo ngoma kaThembi, uVusi Leeuw wafika nengoma enalezi zinhlamvu zikaThembi. Uthe washaqeka kabi esezwa le ngoma seyiculwa nguBrown Dash ayazi kahle kamhlophe ukuthi akaphiwangwa ikhono lokubhala ingoma.
Eziphendulela uDJ Sbu, owayengumnikazi wenkampani okwakuqopha ngaphansi kwayo uBrown Dash, iTS Records, ucele ukuba kuhlonishwe uBrown Dash ngoba sekuphele iminyaka ewu-18 ahamba emhlabeni.
"UBrown Dash angeke esakwazi ukuziphendulela. Bengicela ayekwe aziphumulele ngokuthula." Uthe ingoma ethi Ngaphansi Komthunzi Welanga yaphrojuswa wuMdu Masilela futhi yabhalwa nguye noBrown Dash, uMzekezeke noSbusiso Leope.
"Lolu nqambothi lwengoma lwabhalwa lwaphrojuswa, lwaqanjwa futhi lwaqoshwa eSandton, eMdu Studios phambi kwalabantu esengibabalile hhayi omunye."
UDJ Sbu ube esesabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho nanoma ngubani osabalalisa amampunge nezinsolo athi zingamanga aluhlaza emphakathini futhi okungamahebezi angcolisa umlando kaBrown Dash, izingane zakhe nomndeni.
"Ngeke sibabekezelele abantu abasenga ezimithiyo egameni likamufi uBrown Dash ongasakwazi ukuzikhulumela," kubhala uDJ Sbu kuFacebook esagobe amadlangala e-USA.
Kuqale ingwazi yekwaito esiwazungezile amazwe aphesheya, uSandy B, wanxusa uDJ Sbu ukuba axhumane nabathintekayo.
"Awukwazi ukuphikisa ngento ongazi kakhulu ngayo. Uma kunomuntu oqhamuka nezinsolo, wena hlakanipha ngokulandela imigudu efanele...Ngebhadi umuntu owazi iqiniso akasekho. UMdu akakwazi ukiphendulela uDash ngoba ingoma yaqhamuka ekhanda lakhe," kuphawula uSandy B.
UTswaledi Hlakudi uthe: “Uyamkholwa uDJ Cleo njengoba uSbu esaqhubeka nokukuphika ukuthi uwuMzekezeke.”
USiyabonga Makhanya uthe: “Yize emthanda uBrown Dash kodwa akukho okusashiwo wuSbu okwenza izinsolo zikaCleo zibe ngamampunge.”
"UCleo ukushilo ukuthi usenayo ingoma kaThembi futhi uThembi usaphila ukuba aziphawulele," kusho uTswaledi.
NoKgabo Clerence uthe: “Uyakungabaza ukuthi uCleo ubengavele asenge ezimithiyo ngalolu daba.”
UMzu Xulu uvele wathuka uSbu wathi akahambe ayofa ngoba akamenzelanga lutho uBrown Dash esaphila. "UCleo ubekhuluma iqiniso. Bewucabanga ukuthi iqiniso ngeke lize liphume. Uphule inqwaba yezinhliziyo weDJ Snake neCobra."
UNdingubani Ke Dyantyi uthe: “Sbu kade ayeqola amanye amaciko kwathi uCharles Muthali wathi bayamthanda uBrown Dash kodwa bahamba noCleo.