UMCULI uZandie Khumalo uthi abantu bayobe benza iphutha uma bembiza ngomculi we-Afro Pop ngoba wenza noma yini.
Lo mculi uthe ngoMashi 5, uzokhipha ingoma yakhe yesibili kamaskandi ethi Amadodenu.
"Ngenxa yempumelelo yeNgijabule Kabi, ingoma yesibili bese kuseduze ukuthi yenzeke. Ngifuna ukwenza umculo ohlukile kamaskandi abantu abadala nabancane abazowuthanda, umculo ongadlalwa emakhaya, elokishini nasezindaweni zomntakabani. Ngifuna ukwenza umculo kamaskandi ohlanganisa abantu lapha ekhaya bese ngiyawuthatha ngiwuyisa phesheya," kusho uZandie.
Uthe angathanda ukukhipha i-albhamu yakhe yesibili kulo nyaka eyelama Izikhali ZamaNtungwa ayikhipha ngo-2018.
Uthe kodwa uma imithetho yomvalelandlini ingashintshi ngeke akwazi ngoba ngeke kube lula ukuyimaketha ngokukhululeka. Uthe umsebenzi omningi usewenzile kuyo.
UZandie uzoba nekhonsathi yokugubha usuku lwezithandani iZandie Khumalo and & Friends ezokhonjiswa kuBET (DStv channel 129) ngeSonto, ngo-7 ebusuku.
Kule khonsathi eqoshelwe eThekwini uzobe eshiyelana inkundla noNaima Kay noSneziey.
"Lo mcimbi ubaluleke kakhulu kimi futhi ngiyajabula ukuthi isiteshi esikhulu kangaka njengeBET Afrika sikholelwe kimi sanikeza umcimbi wami ithuba ngosuku nangesikhathi esibaluleke kangaka. Ngizokwazi ukuzidayisa ngomculo wami kubantu. Kumele wazi ukuthi angiyena usaziwayo kodwa ngingumculi futhi angifuni ukwaziwa ngobuhle nezinto ezingasile kodwa ngifuna abantu bangazele umculo wami.
Uthe uyaluthanda uthando futhi ikhonsathi enjengalena izosiza abantu bavuselele uthando lwabo.