UMCULI we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Asiphelelanga nethi Ngikuthandile, uVusi Nova, uthembisa lukhulu kwiYou Should Be Mine South African Tour esePietermaritzburg Athletic Stadium, eMgungundlovu.
Kulo mcimbi oqala ngo-6 ebusuku, uVusi Nova uzobe ebhulela amazolo inkakha yaseMelika, uJeffrey Osborne.
Utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi kuye inkonyane izobe ingathuki isisinga ngoba sekuyinhlalayenza umchilo wesidwaba ukusina ededelana nozakwabo baphesheya kwezilwandle.
"Yinto nje ehlale iyisimangaliso kimi. Lokhu kuqinisekisa ukuthi sengibukwa njengomculi osehlonishwa njengabo futhi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngilimela ngendlela izwe lami."
Eqhuba uVusi Nova uthe kumhambela kahle kulezi zinsuku.
"Okokuqala nje, ngisanda kukhipha i-albhamu yesikhombisa emasontweni amathathu adlule esihloko sithi: Full Circle. Yenza kahle kakhulu ezitolo zomculo. Ngibuye ngenza nohlelo lwethelevishini olukhuluma ngempilo yami yangempela, iVusi Nova Unprovoked.
Njengamanje selisesiqephini sesithathu. Abantu sebeyaqala ukwazi kangcono ngami uma ngingekho esteji," kuphetha lomculi odabuka e-Eastern Cape nobekwiClash of the Choirs kuMzansi Magic kodwa waqunjwa phansi ngumculi kamaskandi, uNtencane Zondi.
Lo mculi uzobe eshiyelana inkundla noKhuzani, Mthandeni, Gatsheni, Brian Temba, Msizi Shembe, Ntando, Linda Gcwensa, Zakwe, Duncan, Collen Zondo, Mzokoloko, Mazola, Kenny K noNhlanhlo.
UJeffrey Osborne (76), onenqwaba yemiklomelo, naye uthembise ukuqhulula wonke amanoni akhe adume ngawo umhlaba wonke okubalwa kuwo elithi: The Family, On The Wings of Love, Stranger, You Should Be Mine namanye angasoze abuna.
Lolu chungechunge, oluqale ngoLwesithathu eGrandwest Arena eCape Town, luzosuka eKZN luye eSunbet Arena ePretoria ngoMashi 20 bese imbenge isongwa e-Emperor’s Palace eKempton Park, eGoli, ngoMashi 29.
Amathikithi adayisa eTicketpro, eSpar Payzone nasePostnet kuzwelonke ngo-R490.