ICIKO lamahubo, uNkosingiphile ‘Zawadi’ Mpanza, lithembise lukhulu emcimbini wamahubo nezinkondlo, iThe Past Meets the Future osePlayHouse ngomhla ka 22 Sephetmba.
UZawadi uthe umcimbi oqale ngo-2021, kuzobe kukhona amaciko ahlukene, okubalwa kuwo uDkt Gcina Mhlophe, Dkt Madala Kunene noHloniphani Art. Uthe wumcimbi ubaluleke kakhulu njengoba izethameli zizoncela kogwansile.
“Igama lalo mcimbi lithi The Past Meets the Future, lokho kusho ukuthi sibuyisa izinto zakudala. Lapha abantu bangalindela ukufunda lukhulu ngezinto ezibalulekile kithina bantu abamnyama, ikakhulukazi amaZulu.
Kuzobe kuhaywa izinkondlo, kuhutshwa amahubo, kudlalwe ijadu, okungumdanso wethu obaluleke kakhulu.
Amalungiselo alo mcimbi ahamba kahle. Uma uthatha ukubheka ezikoleni, akufundiswa ngezinto zesintu ezithinta thina maZulu. Manje thina sithi akesifundise intsha nabantu bakithi ngezinto ezibalulekile,” kuchaza uZawadi.
Liqhuba leli ciko laseMandeni lithe kulo nyaka kukhona nezinguquko njengoba kumenywe usolwazi ongumhayi wezinkondlo zesiXhosa uDumza Maswana.
“Enye yezindlela zokukhulisa lo mcimbi wukuthi simeme namaciko akwezinye izinhlanga. Kulokhu kuzobe kukhona uDumza ohaya izinkondlo ngesiXhosa. Omunye ozobe ekhona uKerolin Govender yena ozobe ehaya futhi ecula amaculo aseNdiya,” kuphetha uZawadi.