ZIQALILE ukuhlabana amalunda izinkunzi zikamaskandi ezibanga ukungena kwiTop 10 yeGcwalisa Spring Picnic:All White engoNovemba 4, eHollywood Bets King's Park Stadium, eThekwini.
Kumanje oqengqeleza phambili uMphile ‘Sminofu’ Gumede, wakwaHlabisa, wengoma ethi Imali Yase-Absa, nethi Iphakade Lami ngamavoti (likes) angaphezulu kuka-60 000 ekhasini leFacebook, weGcwalisa Spring Picnic:All White.
Umculi wavumbululwa nguMjik'jelwa kanti kulezi zinsuku ushisa izikhotha ngenoni elithi Izimali Yezipikha, okuyiculo aliqambe ngomsindo wezipikha zasebandleni lakwaShembe. UMzo ‘Jaiva Zimnike’ Khanyeza, waseNquthu, futhi weqembu aMa-AK47, ulele isibili ngamavoti angaphezu kuka-58 000.
USifaniso ‘Mzukulu’ Zulu wakwaCeza, ulele endaweni yesithathu ngamavoti angaphezu kuka-53 000 kanti ezithendeni zakhe kukhona u-Omphile ‘Skweletu’ Chiliza waseMzimkhulu, ngamavoti angaphezu kuka-52 000 endaweni yesine.
USeluleko ‘Dumakahle’ Nkosi waseVryheid, akazibekile phansi ngamavoti angaphezu kuka-51 000 endaweni yesihlanu. UBonabenza "Mdumazi" Mhlongo waseMtubatuba, usendaweni yesithupha ngamavoti angaphezu kuka-46 000. Endaweni yesikhombisa kukhona uPhumlani ‘Imfezemnyama’ Khumalo waseNquthu, ngamavoti angaphezu kuka-39 000. Kweyesishiyagalombili kubambene uMlabalaba Khumalo wasoLundi, noMandla ‘Shwi’ Xaba waseNewcastle, ngamavoti angaphezu kuka-38 000. UThokozani ‘Somnandi’ Langa wasoLundi noMjabulisi Zondi waseMpangeni basendaweni yesishiyagalolunye ngamavoti angaphezu kuka-36 000.Endaweni yeshumi sekulele uSbusiso ‘Bahubhe’ Mkhize waseHlokozi noMalibongwe ‘Mjolisi’ Gwala waseMzumbe, ngamavoti angaphezu kuka-35 000. Kunombolo 11 kubambene uNjoko, uMnikezwa, Izinyane Ledlamanzi noQuality Biyela ngamavoti angaphezu kuka-33 000, 12. USgwebo Sentambo ngangaphezu kuka-32 000, 12. UMroza Fakude, Ithole Lendidane neThwasa Lekhansela ngamavoti angaphezu kuka-31 000, 13. Navigator Gcwensa ngamavoti angaphezu kuka-29 000. 14. UMuntuyenziwa ubambene nomkhaya wakhe, uDr Khangelani DSD ngamavoti angaphezu kuka-28 000,15. Qhoshangokwenzakwakhe ngamavoti angaphezu kuka-27 000, 16. Ali Mgube unamavoti angaphezu kuka-25 000, 17.
Abafana BakaMgqumeni banamavoti angaphezu kuka-23 000. 18. Stability ngamavoti angaphezu kuka-21 000, 19. Dulasi Magubane ngamavoti angaphezu kuka-20 000, 20. Iboss Yentambo ngamavoti angaphezu kuka-17 000. Ukuvotela laba baculi kugcina ngoSepthemba 30.
Abanqobile bazojoyina asebevele beqashiwe, ngokuba nezinombolo eziningi ezingomeni zabo zakamuva kuYouTube, ukuba banandise kwiGcwalisa Spring Picnic:All White. Kubona kubalwa uGatsheni, Luve Dubazane, Ntencane, Igcokama Elisha, Menzi, Falabo, Mketule, Inkosi Yamagcokama, Mafikizolo noLimit.