UMCULI we-Afropop uPamela ‘Nomina’ Bhulu, ongowokudabuka eBotswana ozinze eGoli uveze ukuthi usezogxila emculweni waMapiano.
Lo mculi wodumo lwengoma iRice, uthe into emenze wakhetha ukushintsha ushuni ukuthi njengamanje umculo okhonyayo ezwenikazi i-Afrika aMapiano, kanti futhi esakhula wakhula ethanda iKwaito acabanga ukuthi iyahambisana naMapiano.
Uthe ave kungukuthi useyilaxazile i-Afropop, kepha usafuna ukushintsha ukudla ukuze akhule emculweni.
“Ngaqala ukucula ngo 2016, ngicula i-Afropop. Njengamanje ngithathe isinqumo sokuthi ake ngishintshe ukwenza, ngizame ukucula aMapiano. AMapiano njengamanje yiwona mculo ohamba phambili futhi ohlabahlosile ngakho-ke nami angifuni ukusala ngaphandle, ngoba kungenzeka ukuthi bakhona abalandeli bami abafisa ukuthi ngiqophe izingoma zaMapiano.
Ngikhuluma nje ngizokhipha iEP yawo aMapiano kulo nyaka, abalandeli bami bangalindela lukhulu ngoba ngipike abaculi abaziwayo futhi abayaziyo into yabo,” kusho yena.
Eqhuba lo mculi oseke wanandisa eGermany, uthe ngomhla ka 30 Septhemba uzolibangisa e-England nokuyilapho azobe eyonandisa kwiBotswana Independent Day.