UMCULI owaduma kwiThe Real Housewives of Durban, uPhiwokuhle "Londie London" Zulu, uselaphekile emphefumulweni emuva kokuphumela obala ukuthi uyahlukanisa nomyeni wakhe.
Kwashaqeka abaningi ngesikhathi uLondie London ebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi yena nosomabhizinisi, uMnuz Hlubi Nkosi, bayehlukana emuva kweminyaka emibili bethembisene umshado.
Ekhuluma kwiKaya FM, uLondie uthe uke wathwala kanzima ngo-Ephreli nonyaka ngenxa yokhwantalala obelumhlasele. Uthe okwakudala lokho ukuthi udaba lwesehlukaniso lwalumququda yedwa njengoba kwakuwudaba ayengakhulumi ngalo kodwa lusadingidwa yimindeni.
"Sengiwumqemane manje. Yilokho okusemqoka." Echaza, uthe akazisoli ngokushada nokukhulelwa.
"Manje senginengane yesibili. Angisabheki emuva. Sengizogxila emculweni wami." Uthe njengamanje use-studio lapho ematasatasa nokukhiqiza umculo omusha ozobe uxube ama-piano, Afro pop ne-Afro soul.
"Bese siside isikhathi nginyamalele. Ngakho kufanele ngiqhamuke nomculo onamandla."
Ubuye waveza ukuthi uke wasebenza ne-Ambitiouz Records kodwa wayishiya ngezikhathi zokuvalwa kwezwe.
Eqhuba uLondie, uthe usengene nasemkhakheni wokuhlela imicimbi.
"Kunendumezulu yomcimbi engiwuhlele eThe Rich Dome, eWitbank ngale mpelasonto, engibophele kuwo uSjava, Amaroto, KO, Black Diamondz nabanye …ngisho noSomizi uzobe ekhona."
Ebuzwa ukuthi isibongo sikaLondon wasitholaphi, uLondie uthe wasiqanjwa ngomunye umfana ayefunda naye eWitbank owathi muhle sengathi udabuka eLondon.